Ukuthola Indlela Yakho Ebuyela KuNkulunkuluIsampula
Ngifisa sengathi ngingaqala kabusha
Okulandelayo ezimpumelelweni zethu ohambeni lokubuyela ku Nkulunkulu sikubiza ngokuthi ukuvukelwa ukuzisola.Ubheka impilo yakho ekuseni ngelinye ilanga ubone ukuthi, kuyo yonke imizamo yakho, wone’izinto. ugcwele’ ukuphoxeka nokudumala. Manje ngoba sewubona izinto ngokucacile, u’ngathanda ukuthola elinye ithuba. Kodwa awu ’naso isiqiniseko sokuthi uzoba nalo.
uma sewucabangisisa, ungaba nalo ngobani?
Kodwa hlala nathi.
Kunesiqiniseko ngaphakathi kuthina sonke sokuthi savela ekulungeni nasothandweni nokuthi si’dalelwe okuningi kwako. Uma sizithola sesiphelelwe yilolonke ithemba futhi sibona ukuthi siyimoshe kangakanani lempilo, nokuthi impolo isimoshe kangakanani, impendulo yethu ithi, “ngifisa sengathi ngingaqala kabusha. ”
into enhle ukuthi, ungakwazi ukuqala kabusha. Umuzwa wakho wokuthi umsuka wakho usekulungeni nothando uyiqiniso langempela. UNkulunkulu ukuvumela ukuthi uqale kabusha.
Iningi lethu, uma se’ sikulungele ukuqala kabusha, sifunanje ukubuyela kuleyo mpilo esasinayo ngaphambi kokuthi izinto zonakale. Kodwa uNkulunkulu unelinye iqhinga. akafuni’nje ukusisiza kuphela ukuthi sibuyele kulempilo engcono esiyibona ngamehlo engqondo, ufuna sizizwele impilo eyehlukile. aku’ lona nje ikusasa lakho kuphela elishintshayo uma uthola indlela ebuyela ku Nkulunkulu kodwa nokwedlule kanye nokwamanje futhi.
Usukulungele ukwehlukana nokuphila izinsuku ezinobuhlungu bezinto ezedlule, ungenanhloso yamanje, futhi ungenathemba ngekusasa lakho? Uhambo lwakho olwahlukene nokuzisola noluya ngasekhaya lakho ku Nkulunkulu lukuyisa empilweni ejulile, eneqiniso — uhlobo lwempilo olukumema ukuthi uqale kabusha namhlanje uphile impilo ngendlela uNkulunkulu ayelokhu efuna ukuthi uyiphile ....ingunaphakade.
Kungabukeka kanjani ukukhola ukuthi uNkulunkulu ukuvumela ukuthi uqale kabusha namhlanje? Ingashintsha kanjani imicabango yakho mayelana nekusasa lakho
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ufuna okuthe xaxa empilweni? Ukufuna okwengeziwe empeleni kungukulangazelela ukubuyela kuNkulunkulu - noma ngabe bukuphi ubudlelwano bakho naYe njengamanje. Sonke siyabhekana nezinkomba zebanga esilihambayo - noma lokho okusiphaphamisayo - lapho sifumana indlela yethu ebuyela kuNkulunkulu. Hamba uhambo ngalunye kulokhukuphaphama, ulifingqe ibanga phakathi kwalapho ukhona manje nalapho ofuna ukufinyelela khona. Sifuna ukumfumana uNkulunkulu, Yena Ufuna nangaphezulu kwalokho ukuthi afumaneke.
More