Ukuthola Indlela Yakho Ebuyela KuNkulunkuluIsampula
Angikwazi ’ ukukwenza ngedwa loku
Noma ngabe sikuphi ohambeni lwethu lokubuyela ku Nkulunkulu, sisanezinto esibambelele kuzo ezimpilweni zethu. Kwabanye, yi’ zenzo eziyimfihlo noma umkhuba ongaziwa muntu. Kwabanye, ku’ sobala ukuthi si’sajahana nani.
Kuyini kuwena? Yini ekusamele uyidedele? UNkulunkulu akavami ukukunika okusha empilweni yakho uma ungakadedeli loko okudala futhi okwephukile.
Yingako’isinyathelo esilandelayo ngaphambi kokuvuka ekuzisoleni kungukuvuka ekutholeni usizo. Lokhu kuvuka kwesithathu kusisondeza kwigxathu elikhulu eliletha eduze no Nkulunkulu ngoba siyabona ukuthi ukuthi angeke’sikwazi ukukwenza sodwa. Yikuphi okulandelayo?
Sithatha isinqumo. Siba naleyo ngxoxo. Singena kwithimba lokwesekana. Sizithola singena sihlalela ngasemuva esontweni siwe ngamadolo sikhale, “Nkulunkulu, uma ukhona’ngempela.....! ”
Ukufulathela ukukhetha okusibulalayo sifune usizo kuyingxenye yokuphenduka. Ukuphenduka kungukuya ekhaya, ukubuyela lapho wavela khona nalapho ungowakhona. Ukuya ekhaya kumayelana nokuthethelelwa nokuthola isiqiniseko sempilo emuva kwalempilo, kanti’futhi kumayelana nokuthola ukuqonda kanye nendlela entsha ngempilo ongeke’ uyithole kwenye indawo. Ku’ mayelana nokuba nobudlelwane no Nkulunkulu. Ku’mayelana nokqondisa impilo yakho ubuyele lapho wa’ vela khona nalapho ungowakhona. Uma uphenduka, uNkulunkulu uyakushintsha. Uma nomehluko. I-Bhyayibheli lithi uMoya’ ka Nkulunkulu uyeza ahlale ngaphakathi kuwe, kanti loko kwenza ukuthi kube nenguquko ebbonakalayo neqhubekayo.
Hlala wazi ukuthi ukuphenduka akusho’ umuzwa wosizi. Empeleni, iBhayibheli lithi ukuphenduka kwangempela kuholela “ esikhathini sokuphola” okuvela eNkosini. Ukuphenduka kumayelana nokuqala kabusha nokuvuma, “ngidinga usizo.”Lokhu kubizelwa ekuthini uphenduke, ukufulathela izono zethu sibuyele ekhaya ku Nkulunkulu, kungokwaye wonke umuntu.
Lolu lungaba usuku lwakho lokubuyela ekhaya. Sukuma lapho uhleli khona ubuyele ekhaya lapho ungowakhona. Akunandaba ukuthi yiziphi izinqumo ezimbi ozenzile ngaphambilini. U-Nkulunkulu uthi kuwena, “ Noma ngabe wenzeni, noma ngabe uyini, akuna’msebenzi. Buyela nje ekhaya.”
Yini odinga ukuphenduka kuyona namhlanje? Kungakuholelaphi ukuphenduka“isikhathi sokuphola” no Nkulunkulu
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ufuna okuthe xaxa empilweni? Ukufuna okwengeziwe empeleni kungukulangazelela ukubuyela kuNkulunkulu - noma ngabe bukuphi ubudlelwano bakho naYe njengamanje. Sonke siyabhekana nezinkomba zebanga esilihambayo - noma lokho okusiphaphamisayo - lapho sifumana indlela yethu ebuyela kuNkulunkulu. Hamba uhambo ngalunye kulokhukuphaphama, ulifingqe ibanga phakathi kwalapho ukhona manje nalapho ofuna ukufinyelela khona. Sifuna ukumfumana uNkulunkulu, Yena Ufuna nangaphezulu kwalokho ukuthi afumaneke.
More