Ukuthola Indlela Yakho Ebuyela KuNkulunkuluIsampula
UNkulunkulu uyangithanda kanti
Enjabulweni yempilo yakho entsha no Baba, ukuphaphama okulandelayo kungezwakala sengathi kuyisinyathelo esikubuyisela emuva kunokuya phambili. UNkulunkulu ukunikezela ngento oyifunayo noyidingayo—ukwamukeleka ekhaya. Kodwa kukhona okufuna ukuzabalaza ngaphakathi kuwe. Ukwamukelwa ngu Baba wasezulwini ekhaya nokwamukelwa kumndeni—ngaphandle kokuhlonywa ngemibuzo—kungabonakala njengento engelona iqiniso kumuntu osedukele kule isikhathi eside.
Lesisigaba sohambo lwakho sisibiza ngokuthiukuphaphama othandweni. Kulesikhathi siqala ukuthi, “A’ngifanelekile yiloku.” Ukwamukeleka’ kuNkulunkulu akukholeki. Kodwa okwenziwa nokushiwo ngu Nkulunkulu kwehluke kakhulu kuloko esicabanga ukuthi kuyasifanela kangangoba sizizwa sinokumangala kakhulu. “UNkulunkulu ungithanda kakhulu kangaka.”
Usuyabona ukuthi yini ndaba sithi impi yokomoya ihambisana nokubuyela kwethu ekhaya. Sinenkolelo ethile ngathi, kanti uNkulunkulu unenye. Sibheka ingemuva lethu eligcwele ukwehluleka nokudangala, kanti Yena usibuka ukuthi singobani ngothando nozwelo.
Yinga’kho lokhu kuphaphama kungukuphumelela okukhulu kakhulu. Siqala ukubona, hlambe okokuqala, ukuthi akekho kithina ofanelwe yithuba lesibili, akekho ofanelwe ukuthethelelwa, kanti futhi asifanelwe neze’ukuthandwa ngaphandle kwesizathu. Kodwa siyathandwa, Uyathandwa! Aku’kufanele, kodwa uNkulunkulu uyakunika
uma u’fana neningi lethu, wazi kahle kamhlophe ngeculo lokuzenyeza. Ukuzenyeza kuyanyenyeza, “ empeleni’awubalulekile” futhi “awuthandeki.” Ukuzenyeza kuyamemeza, “ Awusenawo amanye amathuba!” Ukuzenyeza kuletha ukuzibukela phansi, kanti uma siqala ukuhlangana nomusa, sizithola siphindaphinda, “ Angi’fanelwe yikolu.”
Ungavumeli amaphutha akho edlule nokwehluleka kukutshele ukuthi ungubani. Yizwi lokuzenyeza lelo. awu’kona loko okwe’nzile noma ongakwenzanga. Awukona loko okwe’nziwe kuwe. Uyiloko uNkulunkulu athi uyiko. Ingane yakhe.
Uyakuzwa ukudonsisana kokomoya kuqhubeka ngaphakathi kwakho? uma kunjalo, ungakuchaza kanjani?
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ufuna okuthe xaxa empilweni? Ukufuna okwengeziwe empeleni kungukulangazelela ukubuyela kuNkulunkulu - noma ngabe bukuphi ubudlelwano bakho naYe njengamanje. Sonke siyabhekana nezinkomba zebanga esilihambayo - noma lokho okusiphaphamisayo - lapho sifumana indlela yethu ebuyela kuNkulunkulu. Hamba uhambo ngalunye kulokhukuphaphama, ulifingqe ibanga phakathi kwalapho ukhona manje nalapho ofuna ukufinyelela khona. Sifuna ukumfumana uNkulunkulu, Yena Ufuna nangaphezulu kwalokho ukuthi afumaneke.
More