Imininingwane ngohlelo

Ukunqoba UkucindezelekaIsampula

Defeating Depression

USUKU 3 KWEZINGU- 5

Ngikhule ngisizwa leso sisho sakudala esithi, “Izinduku namatshe kungaphula amathambo ami, kodwa amazwi awasoze angilimaza.”

Yeka amanga! Izingane esikoleni zazihlale zingigcona ngoba ngingowasemaphandleni. Bahlekisa ngami ngoba sasingenawo amapayipi ngaphakathi endlini. Ngezinye izikhathi, igama lami lesidlaliso lalithi “Owangaphandle.”

Babehlekisa ngami ngoba ngangimude futhi ngimuncinyana ngokweminyaka yami futhi nginezingalo ezinde, futhi babehlekisa ngami ngoba ngangithola o“A’s.” Babengibiza ngokuthi “Skinny Minnie,” nangokuthi “Olive Oil.” Ngezinye izikhathi ngangibizwa “Ngesibungu.” Usuku nosuku lwalunenselelo kimi, kodwa uma amazwi ayengenakungilimaza, kungani ngangikhala kangaka lapho izingane’ zisho izinto ezilimaza imizwa yami?

Kuyo yonke le minyaka ngathola ukuthi amagama ayaphilisa futhi abuhlungu. UmBhalo unokuningi ongakusho ngamazwi ethu. IzAga 21:23 zithi singazifaka enkingeni ngamazwi ethu. Izaga 18 zithi amazwi ethu (ulimi) angasiphilisa noma angasibulala. UJakobe 3:3 uthi ulimi lwethu lunquma indlela yethu ekuphileni, futhi uMathewu 12 uthi silungisiswa ngamazwi ethu futhi silahlwa ngamazwi ethu. Okushoyo yilokho okutholayo. Yisikhathi manje sokugxila kulokho okufundile futhi uyeke ukuvuma ukudangala. Wenze isinyathelo sokuqala inqubo yokwelapha kulesi sifo esibi. Ungaphuthelwa izinhlelo uNkulunkulu anazo ngawe ngenxa yalokho okushoyo noma amazwi owamukelayo.

Landela ukuzinikela kwakho, uqale phansi njalo uma uqeda uhlelo. Lolu wusuku lapho uzoqala khona ukuba nenhloso yokuvuma ukuphulukiswa kwakho. Ungaqhubeki nokuvuma inkinga enkulu. Namuhla qala ukuvuma ukuthi uNkulunkulu wakho mkhulu.

Khumbula izinyathelo zalolu hambo: zindla ngeZwi, mdumise ngentuthuko yakho, futhi uqhubeke uhamba ngokukholwa. Phendukela emthandazweni bese uvula umbhalo, yebo. Kodwa manje kumele uphendukele ekukhulumeni leyo miBhalo ngesimo. Vumela uNkulunkulu agcine izithembiso zakhe kuwe. Okushoyo yilokho okutholayo. Shintsha amagama akho!

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Defeating Depression

Ngakho-ke abantu abaningi bazithola bebanjwe umgodi wokucindezeleka. Lesi sifundo sizokusiza ukuthi ubambe icebo likaNkulunkulu lokukhululwa kwakho.

Sithanda ukubonga i-Linda Crawford Ministries ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.lindacrawford.org/

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo