Imininingwane ngohlelo

Ukunqoba UkucindezelekaIsampula

Defeating Depression

USUKU 5 KWEZINGU- 5

Wake waba nesilonda esiqubuke ngokushesha, kodwa sisabuhlungu ngaphansi? Ngaso sonke isikhathi uma usiqhumisa, sibabuhlungu ngoba besingapholanga ngempela ngaphansi? Ingabe uye wayiqaphela kakhudlwana leyo ndawo yomzimba wakho? wenze umzamo owengeziwe wokucophelela ukuze ugweme ukungqubuzana nendawo? Ingabe wenze ngamabomu? Kunjalo nangezinhlungu zethu, amazwi ethu angakhi noma izenzo ezimbi.

Kumele senze umzamo owengeziwe wokuqaphela ukushintsha ukucabanga kwethu kanjalo nokukhuluma nezenzo zethu. Kufanele ube nenhloso mayelana nokunqoba ukucindezeleka. Akekho ongakushintsha ngenxa yakho. Uwedwa ukuthi UYEKE ukusho noKWENZA izinto obuzisho futhi ozenzayo. Uzozimela wedwa ukuthi uyeke ukucabanga ngendlela obucabanga ngayo. Uzodinga ukwenza umzamo oqotho wokuqhubeka nokuchitha isikhathi esengeziwe emthandazweni, isikhathi esengeziwe eZwini, kanye nesikhathi esengeziwe sokufunda nokukhuluma izivumo ezakhayo ukuze ukwazi iZwi kanye nengqondo yokucabanga eyakhayo kube yinto yesibili kuwe.

Qhubeka nomsebenzi omuhle. Usendleleni eya enkululekweni. Yisikhathi sakho, ngakho hlala nohlelo. Ngokwezwi nezwi. Vumela uJehova ukuba agcine izithembiso zakhe kuwe. Qhubeka nokukholwa. Qhubeka nokuvuma. Qhubeka nokukhuleka. Qhubeka nokuba nethemba. Futhi uma uhlangana nomuntu okhuluma kabi, ocabanga okubi, QHUBEKA UGIJIME.

Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Defeating Depression

Ngakho-ke abantu abaningi bazithola bebanjwe umgodi wokucindezeleka. Lesi sifundo sizokusiza ukuthi ubambe icebo likaNkulunkulu lokukhululwa kwakho.

Sithanda ukubonga i-Linda Crawford Ministries ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.lindacrawford.org/

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo