Hamba Yenza Shono Phana: Inkululeko yokuzinikela kuJesuIsampula

Go Do Say Give: The Freedom Of Surrender To Jesus

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Okokutuseka nokudunyiswa kwakho

Ukunikela izimpilo zethu kuJesu akusiso isifundo sokungabi nasici; kuyisitatimende sokuzibophezela. Akusiwo umzuzwana owodwa ezimpilweni zethu. Kuwukushintsha nokuqondanisa izinhliziyo zethu ekunikezeleni imiqondo yethu, imizwa yethu, nentando yethu ekuzinikeleni nsukuzonke ecebweni lakho nasenhlosweni yakhe. Impilo iwuhambo ebudlelwaneni noJesu, silandela ezinyathelweni zakhe indlela yonke. Siphila impilo yenkululeko nonezithelo ngokulandelana kwezinsuku zokulandela yena.

Ukufunda ukulandela uJesu kuthatha ukuzimisela nokuzama, njengokufunda noma yini enye. Ukuqala lonke usuku ngomthandazo wokuzinikela kuyindlela enhle yokugcina inhliziyo ihambelana nalokho uNkulunkulu akufunayo. Kungaba lula ukulahleka ohambweni lwethu lukamoya-sididekile ngalapho sikhona nokuthi singabuyela kanjani endleleni. Singalahleka noma sibambeke ngezizathu ezahlukene, sidinge indlela elula yokuthi sibuyele endleleni. Abanye balinda lokho ukuba kwenzeke enkonzweni elandelayo noma ezifundweni zebhayibheli. Ngesinye isikhathi balinda kuze kwenzeke inhlekelele. Kodwa akudingi silinde ukuze sibuyele endleleni yohambo lwethu.

Nayi indlela yansukuzonke elula yokubuyisa izinhliziyo zethu. Uma wake wadlala noma yimuphi umdlalo, uyazi ukuthi yonke inendlela yawo "yokuzilungiselela" noma indawo yokuqala. Yindawo yokuqala engcono kunazozonke ukulungiselela ukwenza konke okulandelayo. Isibonelo, ebholeni lomnqakiswano, indawo yokuqala ibizwa nge "triple threat". Kuleyo ndawo, uyakwazi ukudlulisa ibhola, ukufaka ibhola nokubajika. Kafishane, ulungele noma yimuphi umnyakazo engcono.

Cabanga lomthandazo njengendawo yokuzilungiselela uhambo lwethu lwansuku zonke. Kuyindawo yokomoya yokuzinikela nakunoma yisiphi isenzo-hamba, yenza, isho, noma nikela-uJesu asifuna kuwena kulolo suku, kuhambelana namandla oMoya Oyingcele ohleli kuwe kunokuzama kwakho kanzima ngamandla akho. 

Lo mthandazo uyindlela elula lokufanisa inhliziyo yakho neyakhe, amehlo akho ebheke kuye, izinyawo zakho zilindele ukumlandela, nezandla zakho zilindele ukumumkhonza ngaleyo ndlela akuhola ngayo namhlanje. 

Uma ungakaze wenze, ungakhothama phambi kukaJesu, uthi uzozinikela kuye, nasemandleni oMoya Oyingcwele uzoya, wenze, usho, futhi unikelele ekumthonzeni nasenkazimulweni yakhe? 

Ngakho manje, yenza lokhu kube ukuzinikela kwansuku zonke kuyena. Futhi ungazisa umngani wakho ngesinqumo sakho futhi umgqugquzele ukuba enze okufanayo. 

Siyakuhalalisela ekuqedeni lokuhambo lwezinsuku eziyisikhombisa ekungeneni ekuzinikeleni okunzulu kuJesu. Uma ungathanda ukubheka kabanzi ngalomkhuleko nokuthi ungahamba kanjani ekuzinikeleni kuJesu, ikhona eminye imicabango kule ncwadi, "Go Do Say Give", etholakala ku  http://crustore.org/go-do-say-give.html  noma uye ekhasini lami http://KeithBubalo.com 

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Go Do Say Give: The Freedom Of Surrender To Jesus

Ukuzinikela kuJesu kuyisikhathi esiyishintshayo impilo. Kodwa ngabe lesi sinqumo sichaza ukuthini futhi siphila kanjani naso usuku nosuku? Ngabe simayelana nezinqumo ezinkulu zempilo kuphela, noma esomuntu okholwe kakhulu? Ukwesaba, ukwahluleka kwethu okwedlule, nokungaqondisisi kungasivimbela. "Hamba Yenza Yisho Nikela" yisicelo/umthandazo esichaza kabanzi izinyathelo ezilandelayo ohambweni lwakho lokholo. Zizwele inkululeko efika nokulandela uJesu. 

More

Sithanda ukubonga u-Cru ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, vakashela: http://keithbubalo.com