Hamba Yenza Shono Phana: Inkululeko yokuzinikela kuJesuIsampula
Ngizonikela lokho ofuna ngikunikele
UNkulunkulu wathanda izwe kakhulu waze wanikela ngendodana yakhe eyodwa ukusisindisa. Ukupha kungaphakathi enhliziyweni kaNkulunkulu ngabantu bakhe. Uthando lukaNkulunkulu luhlangene nokunikela ngendlela yokuthi akukwazeki ukucabanga okukudwa ngaphandle kokunye. Ukulandela uJesu kuzosiholela ezingaweni zokunikela esingakaze sazizwa phambilini.
UJesu wayewazi amandla okuyengwa yimali futhi wayenomuyalezo oqinile kithina: "Akekho ongakhonza abaholi ababili, ngokuba uzozonda omunye uthande omunye, noma uzozinikela koyedwa amushaye indiva omunye. Ngeke ukhonze uNkulunkulu nemali" (Mathewu 6:24). Ukulandela imali kuyingqinamba enkulu ngaphakathi kuthina futhi ingasivimbela ekulandeleni uNkulunkulu ngokuphelele.
Sikunqoba kanjani lokudonswa yimali? Kufika ngokuthi sinikele ngayo, futhi njengakwezinye izigaba zalomkhuleko, ekugcineni kuba yindaba yenhliziyo. Asitshelwanga ukuthi ngabe ukuba nemali kukodwa kubi noma kunobusathane. Uthando lwemali okuyilona oluyinkinga. Kepha konke esinakho empeleni kungokwakhe. Sinikezwe isikhashana esincane ukunakekela izinto zombuso wakhe, ukuba sizitshale kulezo zinto ezidumisa igama lakhe. Ngakho akukho enginakho okungokwami ukuthi ngikwenze lokho engikuthandayo.
Esinye sezifundo sikaIsrayeli behamba ehlane iminyaka engamashuni amane esokuthi uNkulunkulu wayezifeza izethembiso zakhe ukubabonelela ngesinkwa sanzukuzonke esivela ezulwini. UJesu wasicela ukuba sikhulekele isinkwa sethu semihla ngemihla. UNkulunkulu ubabhekile futhi uyabanakekela abantu bakhe. Ufuna sizizwele ukubonelela kwakhe okunothando zonke izinsuku zezimpilo zethu. Lomuzwa uzosisiza ukuba sinikele ngokujabula kuyena nakwabanye abantu lokho afuna sikunikele-kungesiyo imali kuphela, kepha izimpilo zethu.
AbaseRoma 12:1 bathi simelwe "Ukuzinikela uqobolwethu njengomuhlatshelo ophilayo, ogcwele nowamukelekile kuNkulunkulu, okungumsebenzi wethu nokomoya wokudumisa." Isithombe singesenqubo yemihlatshelo yeTestamente elidala. Simelwe ukunikela ngezimpilo zethu zonke kwiAltari phambi kukaNkulunkulu, okubalwa nemali esiyenzayo.
Ukunikela ngesihle kusukela ezinhliziyweni ezinhle ezinokumbonga uNkulunkulu. Thatha isikhashana ukucabanga uhlelo noma umuntu uNkulunkulu ambeka enhliziyweni yakho ukuba umsize ngokwezezimali noma ngesikhathi sakho.
Uzonikela ngalokho uNkulunkulu afuna unikele ngakho namhlanje?
Mayelana naloluHlelo
Ukuzinikela kuJesu kuyisikhathi esiyishintshayo impilo. Kodwa ngabe lesi sinqumo sichaza ukuthini futhi siphila kanjani naso usuku nosuku? Ngabe simayelana nezinqumo ezinkulu zempilo kuphela, noma esomuntu okholwe kakhulu? Ukwesaba, ukwahluleka kwethu okwedlule, nokungaqondisisi kungasivimbela. "Hamba Yenza Yisho Nikela" yisicelo/umthandazo esichaza kabanzi izinyathelo ezilandelayo ohambweni lwakho lokholo. Zizwele inkululeko efika nokulandela uJesu.
More