Hamba Yenza Shono Phana: Inkululeko yokuzinikela kuJesuIsampula
Ngizoya lapho ufuna ngiye khona
Akekho othanda ukubambeka. Sonke sikhuluma ngokubambeka empilweni, noma ukubambeka emphefumulweni njengento embi. Ukubambeka kuchaza ukuthi awukho umnyakazo nokukhula okwenzekayo. Lokhu kuyiqiniso nangokomoya. Futhi esingekubalekela ukuthi: sonke sinakho ukuzizwa sibambekile ohambweni lwethu lokomoya ngezinye izikhathi. Izindaba ezinhle ukuthi uJesu usohlelweni lokusiyisa ndaweni thize; ukulandela yena kuyisinqumo esinenhloso sokuya lapho efuna sibe khona, futhi uzozivikela ekubambekeni isikhathi eside uma simulalela.
Yilokho okwenziwa nguAbram kuGenesise 12. "Ebambekile" ezweni lakubo, uNkulunkulu uyalela uAbram ukuthi athathe uhambe olumangalisayo, eshiya izwe lakhe nomndeni wakhe ukuya ezweni uNkulunkulu ayezomukhombisa lona. Umphumela wezinyathelo zikaAbram zokholo kwaba isizwe esisha esasimazisa uNkulunkulu okwaholela ekulethweni kukaMesiya ukuzosindisa isintu.
AbaseHebheru 11:8 usitshela ukuthi uAbram wahlonipha uNkulunkulu "wahamba, engazi lapho eya khona." Waba yisibonelo kuthina ukuthi ukuya lapho uNkulunkulu efuna siye khona ekugcineni kuhambisana nokholo-ekuthembeleni ebuhleni necebo elingephikiswe likaNkulunkulu ngezimpilo zethu. Lapho kudingeka ukholo, kukhona ubungozi futhi nokwesaba ngesinye isikhathi, ngoba asazi ukuthi konke lokhu kuchazani. Ukukhetha ukuya kuwukukhetha ukubhena nalokho kwesaba.
Ekupheleni kwenjongo yakhe emhlabeni, uJesu nikeza lomyalelo kubafundi bakhe: "Hambani nenze zonke izizwe abafundi..." (Math. 28:19). Emkhulekweni wakhe ku Johane 17, uthi kuBaba, "Njengoba ungithumele ezweni, nami ngibathumele ezweni." Ekuyeni lapho uJesu efuna siye khona kuzoholela ekwenzeni abafundi, ngamanye amazwi, abalandeli kanye nathi uJesu. Ngeshwa, abaningi bathathe umyalelo kaJesu "wokwenza abafundi" njengoba yikhono elikhethekile, noma ochaza ukuthi kumele kube umsebenzi ofundelwayo wobufundisi. Kanti miningi imigudu ethintekayo ekwenziweni kwabafundi.
Kuyisenzo sawo wonke umlandeli kaJesu, njengokunakekela noma ukukhulekelana. Ngesikhathi uthobela uMoya ulawule impilo yakho, tshela uJesu ukuthi uzoya noma kuphi lapho efuna uye khona ohambweni lakho lukaMoya, okuhlanganisa nokwenza abanye babe ngabafundi. Muvumele akuholele lapho uzokwazi ukuthi ungakuphila kanjani lokho nsuku zonke.
Uzoya lapho uNkulunkulu efuna uye khona namhlanje?
Mubuze ukuthi ubani ongaba sesimweni sokumuguqula namhlanje ukuba abe ngumlandeli kaJesu.
Mayelana naloluHlelo
Ukuzinikela kuJesu kuyisikhathi esiyishintshayo impilo. Kodwa ngabe lesi sinqumo sichaza ukuthini futhi siphila kanjani naso usuku nosuku? Ngabe simayelana nezinqumo ezinkulu zempilo kuphela, noma esomuntu okholwe kakhulu? Ukwesaba, ukwahluleka kwethu okwedlule, nokungaqondisisi kungasivimbela. "Hamba Yenza Yisho Nikela" yisicelo/umthandazo esichaza kabanzi izinyathelo ezilandelayo ohambweni lwakho lokholo. Zizwele inkululeko efika nokulandela uJesu.
More