Hamba Yenza Shono Phana: Inkululeko yokuzinikela kuJesuIsampula

Go Do Say Give: The Freedom Of Surrender To Jesus

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Nkosi Jesu, ngizinikela kuwe

Ukuzinikela kuyigama elingagwinyisiseki. Ukuzinikela kuzwakala njengokwahluleka, kanti akekho ofisa ukuzizwa eyisahluleki. Yingakho kunzima ukuzinikela kuNkulunkulu. Imizwa yethu njengabantu isitshela ukuthi ukuzinikela kuNkulunkulu kungenzeka kungabi okusilungele. Mhlambe usidinelwe, noma mhlambe sizongakwazi ukuzilawulela lokho esikufunayo. Kodwa imibhalo isitshela ukuthi ukuzinikela kuJesu yikhona okusilungele.

UNkulunkulu unikeze uJesu amandla amakhulu naphelele ngaphezu kwendalo yonke. Ukuguqa ngedolo, okunguphawu lokuzinikela nokuthembeka, iyona mpendule emfanele lowo ophethe ngokungaphikiswa izizwe zonke. Lokhu sikubona ebudlelwaneni phakathi kwamakhosi noma izindlovukazi nalabo ababaphethe. Kodwa kuJesu engumholi wethu, siyazi uzosiphatha ngothando olunomusa ngokuphelele, necebo nenjongo yakhe ngezimpilo zethu kuyohlezi kukuhle, nanoma kwesinye isikhathi kuba nzima futhi kubuhlungu. 

UNkulunkulu usidalile, waphinde wasikhulula esigwebweni nasebugqileni besono. Usithembisile impilo yenkululeko nethela izithelo. Asinaso isizathu sokwesaba okungahle kusehlakalele uma sizinikela kuye. Akanaso isifiso sokwenza izimpilo zethu zibe nzima, kepha ufuna sizizwele ubukhosi obugcwele uthando.

Ukulandela uNkulunkulu kudinga ukuzinikela ngenhliziyo yonke kuye. Singekwazi ukulandela izindlela zethu siphinde silandele yena ngesikhathi esisodwa. Ukuzama ukukwenza kokubili kuzokwandisa ubunzima nokukhathazeka. Asazi lapho ezosiholela khona, kodwa siyazi ukuthi ulungile futhi uthembekile. Futhi usidalele imisebenzi emihle, asesilungiselele yona.

Lesi yisikhathi sokumunikeza izintambo zokuholela impilo yakho endaweni enhle kakhulu, edlula naleyo wena obungazicabangela yona. 

Lezinsuku eziwu 6 ezilandelayo zichaza kabanzi isigaba ngasinye somthandazo wansuku zonke wokuzinikela kuJesu engashintsha uhambo lwakho naye ngendlela emangalisayo. 

Nkosi Jesu, ngizinikela kuwe. 

Emandleni oMoya wakho,…

ngizoya lapho ufuna ngiye khona, 

Ngizokwenza lokho ofuna ngikwenze, 

Ngisho lokho ofuna ngikusho, 

futhi nginikele lokho ofuna ngikunikele. 

Ngenxa yokutuseka nobukhosi bakho. Amen. 


Ukulungele ukugobisa idolo ukuzinikela kuJesu njengoMsindisi neNkosi? Uma kukhona okukubambile, kubikele yena ngomthandazo, noma ubhale incwadi echazayo lokho okwenza kube nzima.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Go Do Say Give: The Freedom Of Surrender To Jesus

Ukuzinikela kuJesu kuyisikhathi esiyishintshayo impilo. Kodwa ngabe lesi sinqumo sichaza ukuthini futhi siphila kanjani naso usuku nosuku? Ngabe simayelana nezinqumo ezinkulu zempilo kuphela, noma esomuntu okholwe kakhulu? Ukwesaba, ukwahluleka kwethu okwedlule, nokungaqondisisi kungasivimbela. "Hamba Yenza Yisho Nikela" yisicelo/umthandazo esichaza kabanzi izinyathelo ezilandelayo ohambweni lwakho lokholo. Zizwele inkululeko efika nokulandela uJesu. 

More

Sithanda ukubonga u-Cru ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, vakashela: http://keithbubalo.com