Hamba Yenza Shono Phana: Inkululeko yokuzinikela kuJesuIsampula

Go Do Say Give: The Freedom Of Surrender To Jesus

USUKU 5 KWEZINGU- 7

Ngizosho lokho ofuna ngikusho

USmokey Bear usikhombuzile iminyaka engaphezu kwamashumi ayisikhombisa ukuthi "uwena kuphela ongavimbela imililo yequbula." Umonakalo ongadalwa yinhlansi encane ungashabalalisa ihlathi elihle ubhubhise imiphakathi yonke. Imibhalo isebenzisa amagama afanayo ukuchaza amandla amazwi ethu anawo ukushabalalisa: "Ulwini luyilungu elincane, kodwa lizigqaja ngezinto ezinkulu. Kulula kanjani ukuvuthela ihlathi elukhulu ngomlilo omncane!" (Johane 3:5)

Ngenxa yokukwazi ukubhubhisa ngalendlela, nangenxa yokukwazi ukwenza okuhle wenkulumo yethu, kubalulekile ukusho lokho uJesu afuna sikusho, hhayi ukulandela kuphela imfundiso yosikompilo lwethu. Izwe lethu ligcwele izinkulumo ezigcwele inzondo, umona, ukwahlulela nolaka. UJesu wasinika imfundiso yokuthi "umlomo ukhuluma lokho okugcwele enhliziyweni". Ngeke salibalekela iqiniso; inkulumo yethu izoveza lokho okugcwele ngaphakathi kithi" 

Ukulandela uJesu kunamthelela muni kwesikushoyo nsuku zonke, futhi ngasizathu sini? Uchazwa "njeNgolizwi owaba yinyama wahlala phakathi kwethu" (NgokukaJohane 1:14). Uyindlela kaNkulunkulu yokuxhumana nendalo yakhe. Futhi sitsheliwe ukuthi "umusa neqiniso kwafika kuJesu Kristo." Njengoba ephila kithina, singalindela ukukhuluma ngomusa nangeqiniso. Impilo kaJesu yayaziwa hhayi kuphela ngamazwi anothando nontobeko, kodwa ngamazwi angenankohliso ayeveza iqiniso mayelana naye nezwe ayekulo. 

KwiZenzo 1:8, uJesu watshela abafundi bakhe ukuthi uma uMoya Ongcwele wehlela kubona bayozwa amandla okuba ofakazi bakhe. Ngesikhathi sithobela ekulawulweni kwakhe, sizothola ukuthi sizofuna ukutshela abanye ngaye. Akusho ukuthi sizoba nokunengeka noma ukuziphakamisa kwabanye, njengokwesaba kwabanye. Empeleni, kuphambene: sizoba nomusa nozwelo, sitshela abantu ukuthi uJesu ungubani nomehluko asewenzile ezimpilweni zethu. 

Kodwa ukusho lokho uNkulunkulu afuna sikusho akusikho kuphela ukutshela abantu ngoJesu. Kungukusebenzisa amazwi ethu ukukhuluma nabanye ngendlela uJesu ayengakhuluma nabo ngayo: siveza umusa nentethelelo, nokugqugquzela abanye ngendlela abayiyona nezinto abazenza kahle. Ngokwenzenjalo, siyababusisa sibagqugquzele ohambweni lwabo lukamoya. 

Lukhona ushintsho endleleni ekumele ukhulume ngayo nomuntu othele empilweni yakho? Cabanga noma oyedwa umuntu nokuthi uzokhuluma kanjani ngokuhlukile mhla uphinde ukhuluma naye.

 Uzokusho lokho uNkulunkulu afuna ukusho namhlanje?

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Go Do Say Give: The Freedom Of Surrender To Jesus

Ukuzinikela kuJesu kuyisikhathi esiyishintshayo impilo. Kodwa ngabe lesi sinqumo sichaza ukuthini futhi siphila kanjani naso usuku nosuku? Ngabe simayelana nezinqumo ezinkulu zempilo kuphela, noma esomuntu okholwe kakhulu? Ukwesaba, ukwahluleka kwethu okwedlule, nokungaqondisisi kungasivimbela. "Hamba Yenza Yisho Nikela" yisicelo/umthandazo esichaza kabanzi izinyathelo ezilandelayo ohambweni lwakho lokholo. Zizwele inkululeko efika nokulandela uJesu. 

More

Sithanda ukubonga u-Cru ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, vakashela: http://keithbubalo.com