Umthelela wemiBhaloIsampula
UmBhalo uyasicwenga.
Isimiso sikaNkulunkulu sobungcwele asinakufinyelelwa ngaphandle kwamandla omusa Wakhe. Kulo lonke iTestamente Elidala, abantu bakaNkulunkulu bazama ukulandela imithetho eqinile mayelana nokugezwa nokugcina ukuhlanzeka. Kunzima ukucabanga ukuthi ungakanani umsebenzi owawenziwa ukuze uhlale uhlanzekile kulawo masiko asendulo, nokuthi imizamo yabo kumelwe ukuba yayibonakala iyize kangakanani ngezinye izikhathi.
Ukubona ilondolo ehlanzekile, emhlophe engenawo amabala noma imibimbi kumelwe ukuba kwakuyivelakancane ngempela. Kodwa endimeni yanamuhla, sibona wonke lowo msebenzi nemizamo isuswa kithi iyiswa kuKristu. NguJesu kanye nomsebenzi Wakhe wasesiphambanweni ongasifinyelelisa kulolo hlobo lokupheleliswa. Futhi kungokungena njalo kwamazwi kaNkulunkulu eqiniso nomusa ageza izinhliziyo zethu okusisiza sifunde ukuthembela emsebenzini Wakhe wokuhlanza. Ujesu uyasithanda kakhulu. Isiphambano sikwenza kucace lokho. Kodwa lokho akusona isiphetho somsebenzi Wakhe ezimpilweni zethu.
Njengoba nje ukunakekela nokweseka komyeni kufanele kuqhubeke njalo nangale komshado, umsebenzi oqhubekayo wothando lukaKristu ezinhliziyweni zethu uyaqhubeka nsuku zonke. Izwi lakhe liyasembullela isono sethu. Izwi lakhe lingasibonisa lokho afuna sikwenze ngokuphila kwethu. Ngokusabela othandweni Lwakhe, kanye nenhlonipho enempilo Ngaye, futhi ngenxa yokuthi ngiyamthanda futhi, ngingakhetha ukwenza okulungile.
Khuluma noNkulunkulu: Nkosi Jesu, ngiyabonga kakhulu ngomsebenzi Wakho wesiphambano owahlanza inhliziyo yami wahlanza amabala esono kimi. Ngiyazibophezela ukuqhubeka ngihlala ngaphansi kwamandla okuhlanza eZwi laKho. Ngifuna ukuziveza kuWe ngingenawo nomkhondo wesono osele kimi. Ngigeze ngamanzi eZwi lakho njengoba ngizibophezela ukufunda iBhayibheli nsuku zonke. Ngegama lakho ngiyakhuleka, ameni.

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Lithini iBhayibheli ngeBhayibheli? Ithini incwadi yasendulo kubantu banamuhla? Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church Bible luhlola indima engadlalwa umBhalo ekuphileni kwethu kwansuku zonke ngokufundwa kweBhayibheli okuveza ukuthi iZwi likaNkulunkulu liseyiZwi Lakhe kithi namuhla.
More
Lolu hlelo lwasungulwa yi-Life.Church futhi lahunyushelwa kwezinye izilimi ngokubambisana nabahumushi beBhayibheli i-Wycliffe Bible Translators (www.wycliffe.org), okuyinhlangano ezibophezele ekuhlinzekeni ngeZwi likaNkulunkulu emiphakathini esalindile.