Umthelela wemiBhaloIsampula

The Impact Of Scripture

USUKU 11 KWEZINGU- 15

UmBhalo usixhumanisa nabanye.

Zibone ngeso lengqondo ungomunye wemiphakathi ekhulayo yamakholwa ekhulwini lokuqala. Konke okwaziyo ngemiBhalo bekuyobe kufundwe endaweni okwabelwana ngayo. Ubungeke ube nekhophi yakho yeTestamente Elidala. Itestamente Elisha lalisabhalwa. Lapho uthola incwadi evela kumphostoli ojikelezayo njengoPawuli, noma uPetru, noma uJohane, wonke umuntu wayebuthana futhi ezwe ifundwa ngokuzwakalayo yonke. Mhlawumbe ngaphandle kokuphazamiseka ekuqaleni, kodwa kaningi, ngengxoxo nemibuzo nokwenaba.

Kuyisibusiso esikhulu ukuthi siphathe iBhayibheli nomaphi lapho siya khona futhi singalithola kalula futhi silifunde ngolimi lwethu. Singase sifunde kuzwakale kithi ngokuchofoza nje. Kodwa ukuze uvumele ngokugcwele umBhalo ukuba ube nethonya eligcwele ekuphileni kwakho, cabanga ukuthi kungakanani okuzuziwe kwalokho okwabiwe.

Ivesi lanamuhla lithi kufanele sizinikele kulo. Uma ungakakwenzi, sebenzisa ngokugcwele izici eziku-App YeBhayibheli ukuze wabelane ngalokho okufundayo nabangane. Yabelana ngomBhalo kwamanye ama-akhawunti wakho wezokuxhumana. Gqamisa ivesi, bhala inothi, noma ubeke amazwana ngomsebenzi womngani. Sebenzisani uhlelo lweBhayibheli nabangani abambalwa ukuze nixoxe ngezingxenye eziyinselelo.

Ukufunda iBhayibheli ndawonye kuletha umuzwa wokuziphendulela nokuzijabulisa futhi kusisiza ngempela ukuba sihlale simatasa. Siphila ezweni elibungaza ukuzimela. Abantu bayakugwema ukudinga noma ubani noma yini. Kodwa uNkulunkulu ufuna sithembele Kuye nakubantu Bakhe. Cabanga ngenguquko ongayenza ekufundeni kwakho iBhayibheli ukuze ukwenze kube indaba yomphakathi.

Khuluma noNkulunkulu: Baba Nkulunkulu, siyabonga ngokusenza sibe yingxenye yomndeni waKho. Ngisize ngithole izindlela zokufaka abafowethu nodadewethu ekufundeni kwe​​iBhayibheli kwansuku zonke. Ngivumele ngizivulele inselelo kanye nokuzimela kokutadisha iZwi lakho namakholwa empilweni yami. Thumela abantu endleleni yami engingabathonya ngokufundisa iZwi laKho. Ngegama likaJesu, ameni.
Usuku 10Usuku 12

Mayelana naloluHlelo

The Impact Of Scripture

Lithini iBhayibheli ngeBhayibheli? Ithini incwadi yasendulo kubantu banamuhla? Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church Bible luhlola indima engadlalwa umBhalo ekuphileni kwethu kwansuku zonke ngokufundwa kweBhayibheli okuveza ukuthi iZwi likaNkulunkulu liseyiZwi Lakhe kithi namuhla.

More

Lolu hlelo lwasungulwa yi-Life.Church futhi lahunyushelwa kwezinye izilimi ngokubambisana nabahumushi beBhayibheli i-Wycliffe Bible Translators (www.wycliffe.org), okuyinhlangano ezibophezele ekuhlinzekeni ngeZwi likaNkulunkulu emiphakathini esalindile.