Umthelela wemiBhaloIsampula
UmBhalo uyasihlomisa.
Ngeke sikwazi ukubikezela ngokuqondile ukuthi yiziphi izilingo nezinkinga esizobhekana nazo esikhathini esizayo. Ngokuvamile asikwazi ukugwema izinkinga eziza kithi. Kodwa singazilungiselela. Njengoba nje amasosha kumele ahlale ekulungele ukulwa, nathi singakulungela lokho esikuthola ngesikhathi esisichitha eZwini likaNkulunkulu.
Wake wamazi umuntu ohlale ebonakala elazi ivesi elifanele lesimo esithile? Lokho akukhona nje ukuthi bahlakaniphe kakhulu noma bangcwele ngokwedlulele. Lokho kungenxa yesikhathi sichithwa ufunda futhi utadisha iBhayibheli. Wonke amandla nokuzilungiselela esikudingayo ukuze sibhekane nezimo zethu zempilo, kanye nakho konke esikudingayo ukuze sinikeze usizo kulabo abasizungezile, akhona eBhayibhelini ukuze sikuphendule.
Njengoba elinye lamavesi anamuhla lisitshela, singaligcina ngaphakathi ukuze kuthi lapho sibhekene nesono, sibe namandla okusinqoba. Lapho sifunda futhi sibamba ngekhanda kakhulu, yilapho sizokwazi khona ukuveza ivesi noma indima efanele yenkinga ethile obhekene nayo. Lapho ucabanga isikhathi sakho sokufunda iBhayibheli njengokuzivivinya nokuqeqesha kwesosha, yilapho uyozethemba ngokwengeziwe ezimpini ezingokomoya eziza kuwe.
Khuluma noNkulunkulu: Baba Nkulunkulu, ngiyakubonga ngesipho seZwi laKho. Ngifuna ukuKufuna ngenhliziyo yami yonke, futhi ngizibophezela ukwenza lokho ngokuzihlomisa ngeZwi laKho. Ngisize ngigcine iziqephu ezifanele ngaphakathi kimi, futhi ungisize ngikukhiphe enkumbulweni yami ngesikhathi esifanele. Ngifuna ukuzethula Kuwe ngaphandle kwamahloni avela ngokungabongi ngokweqiniso ukubaluleka kweZwi Lakho. Ngegama likaJesu, ameni.

Mayelana naloluHlelo
Lithini iBhayibheli ngeBhayibheli? Ithini incwadi yasendulo kubantu banamuhla? Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church Bible luhlola indima engadlalwa umBhalo ekuphileni kwethu kwansuku zonke ngokufundwa kweBhayibheli okuveza ukuthi iZwi likaNkulunkulu liseyiZwi Lakhe kithi namuhla.
More
Lolu hlelo lwasungulwa yi-Life.Church futhi lahunyushelwa kwezinye izilimi ngokubambisana nabahumushi beBhayibheli i-Wycliffe Bible Translators (www.wycliffe.org), okuyinhlangano ezibophezele ekuhlinzekeni ngeZwi likaNkulunkulu emiphakathini esalindile.