Umthelela wemiBhaloIsampula

The Impact Of Scripture

USUKU 14 KWEZINGU- 15

UmBhalo wembula uJesu.

Ujesu Kristu utholakala kulo lonke iBhayibheli, kusukela ekhasini lokuqala likaGenesise lapho Ayekhona lapho ukumemeza kukaNkulunkulu kuveza yonke indalo kuze kufike ekhasini lokugcina lesAmbulo lapho indalo imemeza ngokubuya Kwakhe. Sekungamakhulu eminyaka abantu behlola imiBhalo befuna okuthile—mhlawumbe ithemba, mhlawumbe induduzo, mhlawumbe izimpendulo, noma mhlawumbe ukuphila okuphakade. Kodwa kulo lonke iqoqo lezincwadi ezahlanganiswa phakathi kwezinkulungwane zeminyaka ngababhali abaningi, intambo efanayo ehlanganisa konke uJesu Kristu. Ibhayibheli liyindaba yesu likaNkulunkulu lokusiletha ebudlelwaneni Naye ngoJesu Kristu.

Ufunani emiBhalweni? Wake wazibuza lokho? Zinike isikhathi sokuzindla ngokuthi kungani uqale ukufunda iBhayibheli. Kungani uqale ukufunda lolu hlelo? Yini othemba ukuthi uzoyithola kulezi zahluko namavesi? Sebenzisa amavesi anamuhla ukuze ugxilise kabusha ukufunda kwakho iBhayibheli kuMlobi Wokuphila, uJesu Kristu. Ulindele ukutholakala kukho konke ukuxhumana onakho nale ncwadi.

Khuluma noNkulunkulu: Nkosi Jesu, ngiyakubonga ngokukhetha ukuziveza kithi ngeZwi laKho. Ngisize ngiKubone emBhalweni engiwufunda usuku ngalunye. Ngifuna ukuthola ukuphila okuphakade ebudlelwaneni nawe. Ziveze kimi njengoba Ngikufuna. Ngegama lakho ngiyakhuleka, ameni.
Usuku 13Usuku 15

Mayelana naloluHlelo

The Impact Of Scripture

Lithini iBhayibheli ngeBhayibheli? Ithini incwadi yasendulo kubantu banamuhla? Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church Bible luhlola indima engadlalwa umBhalo ekuphileni kwethu kwansuku zonke ngokufundwa kweBhayibheli okuveza ukuthi iZwi likaNkulunkulu liseyiZwi Lakhe kithi namuhla.

More

Lolu hlelo lwasungulwa yi-Life.Church futhi lahunyushelwa kwezinye izilimi ngokubambisana nabahumushi beBhayibheli i-Wycliffe Bible Translators (www.wycliffe.org), okuyinhlangano ezibophezele ekuhlinzekeni ngeZwi likaNkulunkulu emiphakathini esalindile.