Umthelela wemiBhaloIsampula
Umbhalo uletha Ukuhlakanipha.
Lapho iNkosi uSolomoni inikezwa noma yisiphi isicelo eyayicabanga ngaso, yacela ukuhlakanipha. Sonke sidinga ukuhlakanipha kuyo yonke imikhakha yempilo yethu, futhi umhlaba unokuhlakanipha okuningi ongasinikeza. kodwa ezikhathini eziningi, sizothola ukuthi ukuhlakanipha okuvela emicabangweni, nasezimisweni zalo mhlaba akuhambisani nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngaso sonke isikhathi lapho sithatha iBhayibheli ukuze silifunde, singathatha isikhashana nje futhi sicele ukuhlakanipha kuNkulunkulu.
Mcele ukuba akhulume nawe ngokucacile ngeZwi laKhe, akubonise ukuthi lisebenza kanjani ebuhlotsheni bakho nasezimweni zakho. Njengoba nje ubungafuna ingcebo eyigugu, cwaninga emiBhalweni ukuze uthole ukuhlakanipha okudingayo. lapho unesinqumo esikhulu okufanele usenze, noma uzizwa unamathele endaweni ethile yokuphila, unganyakazi uze uthole ukuhlakanipha okudingayo okuvela kuNkulunkulu.
Izikhathi eziningi, uNkulunkulu ukhuluma ukuhlakanipha ezimpilweni zethu ngomthandazo noma ngamanye amakholwa ezimpilweni zethu. Kodwa ngokuvamile akukho ukuthathela indawo ukuzethemba okuvela ekuboneni isiqondiso sikaNkulunkulu khona lapho kumnyama nokumhlophe. Nakuba incwadi yezAga ikhuluma ngokuqondile ngokuhlakanipha okusebenzayo, isengatholakala kulo lonke iBhayibheli—ngesibonelo sendaba yothile, ngeziprofetho ezikhuluma ngalé kwesikhathi sazo, ngezimfundiso zikaJesu, noma ngezincwadi zomphostoli.
Khuluma noNkulunkulu: Nkulunkulu othandekayo, Nguwe wedwa onokuhlakanipha engikudinga kakhulu. Ngiyabonga ngokungithumelela ubuhlakani engibudingayo ukuze ngiphile impilo ongibizele yona. Angifuni ukuthatha noma yiziphi izinyathelo empilweni ngaphandle kokuhlakanipha Kwakho. Ngegama likaJesu, ameni.

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Lithini iBhayibheli ngeBhayibheli? Ithini incwadi yasendulo kubantu banamuhla? Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church Bible luhlola indima engadlalwa umBhalo ekuphileni kwethu kwansuku zonke ngokufundwa kweBhayibheli okuveza ukuthi iZwi likaNkulunkulu liseyiZwi Lakhe kithi namuhla.
More
Lolu hlelo lwasungulwa yi-Life.Church futhi lahunyushelwa kwezinye izilimi ngokubambisana nabahumushi beBhayibheli i-Wycliffe Bible Translators (www.wycliffe.org), okuyinhlangano ezibophezele ekuhlinzekeni ngeZwi likaNkulunkulu emiphakathini esalindile.