Oswald Chambers: Ukuthula- Impilo kuMoyaIsampula

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

USUKU 24 KWEZINGU- 30

Kumele ukuthi sifana nohlupho lomiyane kuMninimandlalwonke ngalokuzihlupha kwethu ngezinto ezincane nokuzixakekisa, kanye nezingxaki esizicabangayo, konke lokhu kungenxa yokungafuni ukungena empilweni elula noNkulunkulu uJesu ezela ukuzosipha yona. "Uthando Lwakhe ezikhathini ezedlule" kumele lusenze sikwazi ukuphumula ngokunethezeka Kuye. Yilolwazi olwanika iNkosi yethu ukuthula okungashukumi ayehlala enako.

Imiphakathi iyindlela yabantu yokuzama ukwakha umuzi ka Nkulunkulu; umuntu unesiqiniseko sokuthi uma nje uNkulunkulu engamupha isikhathi esanele angakwazi ukwakha hhayi nje umuzi ongcwele kuphela, kodwa nomphakathi ongcwele bese enza uxolo emhlabeni, kanti uNkulunkulu umnika ithuba eliningi ukuthi azame, kuze kube uyazanelisa ngokuthi indlela ya Nkulunkulu yiyona kuphela.

Imibuzo yokuzindla: Yikuphi ukukhathazeka nokuzixakekisa engigxila kuko okuveza ukungabi kwami noxolo? Yimiphi imiphakathi nezindlela esizakhela zona ukuze sinciphise isidingo sethu soxolo lwa kulunkulu?

Izicaphuno zithathwe ku- Biblical Ethics and The Highest Good, © Discovery House Publishers
Usuku 23Usuku 25

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

Ukuthula: Impilo kuMoya ingumgcinimafa okhuthazayo wezingcaphuno kwimisebenzi ka Oswald Chambers, umbhali othandekayo nozinikele kumhlaba wonke futhi ongumbhali we My utmost for His Highest. Thola ukuphumula kuNkulunkulu mase uthola ukuqonda okujulile kokubaluleka kokuthula kukaNkulunkulu empilweni yakho.

More

Sithanda ukubonga i Discovery House Publishers ngokunikeza ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwan, sicela uvakashele: www.utmost.org.tv