Mathewu 25:35-40

Mathewu 25:35-40 CZB24

Ngokuba ngangilambile, nanginika ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; Nginqunu, nangembathisa; ngangigula, nangihambela; ngangiboshiwe, neza kimi. Khona bayakuyiphendula abalungileyo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, sakupha ukudla na? noma womile, sakuphuzisa na? Sakubona nini ungumfokazi, sakungenisa endlini, na? noma uhamba ze, sakwembathisa na? Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe na? Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.

Video for Mathewu 25:35-40