NgokukaMathewu 25:35-40

NgokukaMathewu 25:35-40 ZUL20

Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa; ngihamba ze, nangembathisa; ngangigula, nangihambela; ngangisejele, nangivakashela.’ “Khona abalungileyo bayakuyiphendula, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, sakupha ukudla; noma womile, sakuphuzisa na? Sakubona nini ungumfokazi, sakungenisa ezindlini zethu; noma uhamba ze, sakwembathisa na? Sakubona nini ugula, noma usejele, sakuvakashela na?’ “INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’

Video for NgokukaMathewu 25:35-40