NgokukaMathewu 25:35-40

NgokukaMathewu 25:35-40 ZUL59

Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa; ngihamba ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.’ “Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na? Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba ze sakwembathisa, na? Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe, na?’ “Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’

Video for NgokukaMathewu 25:35-40