NgokukaMathewu 25

25
Umfanekiso Wezintombi Ezilishumi
1“Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi ezilishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma zayohlangabeza umyeni. 2Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zihlakaniphile. 3Ngokuba eziyiziwula zathatha izibani, kodwa aziwaphathanga amafutha. 4Kepha ezihlakaniphileyo zawaphatha amafutha ngezitsha nezibani zazo. 5Kuthe umyeni esalibele, zonke izintombi zozela, zalala.
6 “Kwathi phakathi kwamabili, kwamenyezwa kwathiwa: ‘nangu umyeni eza; phumani nimhlangabeze!’
7“Zavuka zonke lezo zintombi, zalungisa izibani zazo. 8Kepha eziyiziwula zathi kwezihlakaniphileyo: ‘Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima.’
9“Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula, zathi: ‘Qha, funa angasaneli amafutha thina, nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele awenu.’
10“Zisahambile ukuyokuthenga, wafika umyeni. Lezo ezazilungele, zangena naye edilini lomshado; kwase kuvalwa umnyango.
11 “Kamuva, zafika nezinye izintombi, zathi: ‘Nkosi, nkosi, sivulele.’
12 “Kepha umyeni waphendula, wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini, anginazi.’
13 “Ngakho-ke hlalani nilindile, ngokuba anilwazi usuku nehora.”
Umfanekiso Ngamathalenta
14 “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu okwathi esezakuhambela kwelinye izwe, wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe. 15 Enye wayinika amathalenta ayisihlanu, enye aba mabili, enye laba lilodwa vo; yileyo naleyo ngokwamandla ayo; wayesehamba-ke. 16Esehambile, inceku eyayinikwe amathalenta ayisihlanu ayipholisanga maseko; yasebenza ngawo, yazuza amanye ayisihlanu. 17Kanjalo neyayithole amabili, yazuza amanye amabili. 18Kepha leyo eyayithole elilodwa, yahamba, yamba emhlabathini, yayifihla lapho imali yenkosi yayo.
19“Emveni kwesikhathi eside, yabuya inkosi yalezo zinceku, yalandisana nazo. 20Kweza eyayinikwe amathalenta ayisihlanu, yaletha amanye ayisihlanu, yathi: ‘Nkosi, wanginika amathalenta ayisihlanu; bheka nje, ngizuze amanye ayisihlanu.’
21 “Inkosi yayo yathi kuyo: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka wengamele okuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’
22“Kweza-ke eyayinikwe amathalenta amabili, yathi: ‘Nkosi, wanginika amathalenta amabili; bheka nje, ngizuze amanye amabili.’
23“Inkosi yayo yathi kuyo: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka wengamele okuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’
24“Kwase kuza eyayithole ithalenta elilodwa, yathi: ‘Nkosi, bengazi ukuthi ungumuntu onenhliziyo elukhuni; uvuna lapho ungahlwanyelanga khona, uqoqe lapho ungasakazanga khona. 25Ngesaba, ngase ngihamba ngalithukusa emhlabathini ithalenta lakho; bheka, nakhu okungokwakho.’
26“Kepha inkosi yayo yaphendula, yathi kuyo: ‘Nceku embi nevilaphayo, kanti bewazi ukuthi ngivuna lapho ngingahlwanyelanga khona, ngiqoqe lapho ngingafazanga khona na? 27Ngalokho-ke bekufanele ukuba imali yami uyifake ebhange; ngabe lapho ngifika ngikutholile okwami nenzalo.
28“ ‘Ngakho-ke mephuceni lelo thalenta, nilinike onamathalenta alishumi. 29 Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kube kuningi, kodwa ongenalutho uyakwephucwa ngisho nalokho okuncane anakho. 30Leyo nceku engenamsebenzi walutho yiphonseni ebumnyameni obungaphandle, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’ ”
Ukwehlulela KweNdodana Yomuntu
31 “Kuyakuthi lapho iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele zikanye nayo, iyakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo. 32 Zonke izizwe ziyakubuthelwa phambi kwayo; ihlukanise abanye kwabanye, njengomelusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi. 33Iyakumisa izimvu ngakwesokunene sayo, kodwa izimbuzi izimise ngakwesokhohlo sayo.
34“INkosi iyakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusiswe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba. 35 Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa; 36ngihamba ze, nangembathisa; ngangigula, nangihambela; ngangisejele, nangivakashela.’
37“Khona abalungileyo bayakuyiphendula, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, sakupha ukudla; noma womile, sakuphuzisa na? 38Sakubona nini ungumfokazi, sakungenisa ezindlini zethu; noma uhamba ze, sakwembathisa na? 39Sakubona nini ugula, noma usejele, sakuvakashela na?’
40 “INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’
41 “Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe. 42Ngokuba ngangilambile, aningiphanga ukudla; ngangomile, aningiphuzisanga; 43ngangingumfokazi, anangingenisa ezindlini zenu; ngihamba ze, aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningivakashelanga.’
44“Bayakuphendula-ke nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usejele, sangakusiza na?’
45“INkosi iyakubaphendula, ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: lokhu eningakwenzanga komunye walabo abancinyane, anikwenzanga kimi uqobo.’
46 “Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 25: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo