Mathewu 25

25
Mathewu 25
1Khona umbuso wezulu uyakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.
2Ezinhlanu kuzo zazihlakaniphile, ezinhlanu ziyiziwula.
3Eziyiziwula zathatha izibani zazo, azaphatha amafutha kanye lazo.
4Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo.
5Kwathi umyeni esalibele, zozela zonke zalala.
6Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niyomhlangabeza.
7Khona zavuka lezo zintombi zonke, zalungisa izibani zazo.
8Eziyiziwula zasezisithi kwezihlakaniphileyo: Sipheni emafutheni enu; ngoba izibane zethu zicima.
9Kodwa ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: Hatshi; hlezi angasaneli thina lani; kodwa hambani kakhulu kwabathengisayo, lizithengele.
10Zisaya kothenga, wafika umyeni; lezo ezazilungile zangena laye emshadweni, umnyango wavalwa.
11Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: Nkosi, Nkosi, sivulele.
12Kodwa waphendula wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.
13Ngakho lindani, ngokuba anazi usuku nehora iNdodana yomuntu eza ngayo.
14Ngokuba umbuso wezulu unjengomuntu owaya ezweni elikude, wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe.
15Enye wayinika amatalenta ayisihlanu, enye amabili, nenye elilodwa; yilowo nalowo ngokwamandla akhe; wahle wasuka wahamba.
16Khona obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba wasebenza ngawo, wazuza amanye amatalenta ayisihlanu.
17Kanjalo nobamukele amabili wazuza amanye amabili.
18Kepha obamukele yanye waya wemba emhlabathini, wayifihla imali yenkosi yakhe.
19Emva kwesikhathi eside yafika inkosi yalezo zinceku, yalandisana nazo.
20Weza obamukele amatalenta ayisihlanu, waletha amanye amatalenta ayisihlanu, wathi: ‘Nkosi, wanginika amathalenta ayisihlanu; bheka, ngizuze amanye amatalenta ayisihlanu.’
21Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo!
22Weza nobamukele amatalenta amabili, wathi: ‘Nkosi, wanginika amatalenta amabili; bheka, ngizuze amanye amatalenta amabili phezu kwawo.
23Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo; ubuthembekile ezintweni eziyingcosana, ngizakubeka phezu kwezinengi; ngena entokozweni yenkosi yakho.
24Khona weza obamukele italenta lalinye, wathi: Nkosi, bengikwazi wena ukuthi ungumuntu olukhuni, uvuna lapho ongahlwanyelanga khona, ubutha lapho ongazange uhlakaze khona;
25Ngase ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho; bheka, usunakho okwakho.
26Inkosi yayo yaphendula, yathi kuyo: Nceku embi nevilaphayo, ubuwazi ukuthi ngivuna lapho engingahlwanyelanga khona, futhi ngibutha lapho ngingahlwazanga khona;
27Ngakho-ke ngabe ubeke imali yami kwabahwebi, khona-ke ekufikeni kwami ngabe ngimukele okwami nenzalo.
28Ngakho mthatheni italenta, nilinike onamatalenta ayishumi.
29Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, abe nokuchichima;
30Lapho inceku engancediyo yiphoseleni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuzakuba khona ukukhala lokugedla amazinyo.
31Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi.
32Kuyakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi;
33Iyakumisa izimvu ngakwesokunene sayo, kodwa izimbuzi ngakwesokhohlo.
34Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.
35Ngokuba ngangilambile, nanginika ukudla; ngangomile, nangiphuzisa;
36Nginqunu, nangembathisa; ngangigula, nangihambela; ngangiboshiwe, neza kimi.
37Khona bayakuyiphendula abalungileyo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, sakupha ukudla na? noma womile, sakuphuzisa na?
38Sakubona nini ungumfokazi, sakungenisa endlini, na? noma uhamba ze, sakwembathisa na?
39Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe na?
40Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.
41Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;
42Ngokuba ngangilambile, kepha aninginikanga ukudla;
43ngangingumfokazi, aningingenisanga; nginqunu, aningigqokisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambelanga.
44Khona bayakumphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungowezizwe, noma uhamba-ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga?
45Khona izabaphendula, ithi: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba lingakwenzanga komunye walaba abancinyane, kalikwenzanga kimi.
46Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.

Okuqokiwe okwamanje:

Mathewu 25: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo