Kwabase-Efesu 5:1-5

Kwabase-Efesu 5:1-5 CZB24

Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo; nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi. Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nakanye phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele; namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga. Ngokuba niyakwazi lokhu, ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.