Kwabase-Efesu 5

5
Kwabase-Efesu 5
1Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo;
2nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi.
3Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nakanye phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele;
4namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga.
5Ngokuba niyakwazi lokhu, ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.
6Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.
7Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyeli nabo.
8Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya;
9(Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;)
10nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.
11Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole.
12Ngoba izinto ezenziwa yibo ekusithekeni kulihlazo lokukhuluma.
13Kodwa konke okusolwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngoba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.
14Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.
15Ngakho bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengeziwula kodwa njengabahlakaniphileyo;
16nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.
17Ngakho ningabi ngabangahlakaniphileyo, kodwa niqonde okuyintando yeNkosi.
18Futhi ningadakwa yiwayini, lapho kukhona ukuganga; kodwa gcwaliswani ngoMoya;
19nikhulumisana ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele eNkosini enhliziyweni yenu;
20nimbonga njalo uNkulunkulu uBaba ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu;
21nizithoba omunye komunye ngokwesaba uNkulunkulu.
22Bafazi, thobelani amadoda enu kungathi kukuyo iNkosi.
23Ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu eyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
24Ngakho-ke njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo kukho konke.
25Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo;
26ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi;
27ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici.
28Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
29Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama; kodwa uyayondla futhi ayinakekele, njengoba nje neNkosi ibandla.
30Ngokuba singamalungu omzimba wakhe, awenyama yakhe, singamathambo akhe.
31Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo, futhi labo ababili bayakuba nyamanye.
32Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.
33Nokho-ke yilowo nalowo kini makathande umkakhe njengalokhu ezithanda yena; nomfazi makahloniphe indoda yakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase-Efesu 5: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo