Kwabase-Efesu 6

6
Kwabase-Efesu 6
1Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile.
2Yazisa uyihlo nonyoko; (ongumlayo wokuqala onesithembiso;)
3Ukuze kube kuhle kuwe, futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.
4Nani bobaba, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.
5Nina zinceku, thobelani abaphathi benu ngokwenyama, ngokwesaba nangokuthuthumela, ngobuqotho bezinhliziyo zenu, njengakuKristu;
6kungabi ngokukhonza kwamehlo, njengabathokozisa abantu; kodwa njengezinceku zikaKristu, zenza intando kaNkulunkulu ngenhliziyo;
7lisebenza ngenhliziyo enhle, kungathi lisebenzela iNkosi, hatshi abantu;
8lisazi ukuthi konke okuhle umuntu akwenzayo, uyakwamukeliswa ngakho eNkosini, noma eyisigqila noma engokhululekileyo.
9Nani makhosi, yenzani okufanayo kubo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi iNkosi yenu nayo isezulwini; futhi akukho ukukhetha ubuso kuye.
10Elokugcina, bazalwane bami, qinani eNkosini nasemandleni akhe amakhulu.
11Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.
12Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi balobu bumnyama bomhlaba, nobubi bomoya ezindaweni eziphakemeyo.
13Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
14Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifake isivikelo sesifuba sokulunga;
15Enyaweni zenu zigqokiswe ukulungela ivangeli lokuthula;
16phezu kwakho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi.
17Nithathe isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu;
18ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;
19Nakimi, ukuze ngiphiwe izwi, ukuze ngivule umlomo wami ngesibindi, ukuze ngenze yaziwe imfihlakalo yevangeli;
20engiyinxusa lazo eziboshweni, ukuze ngikhulume ngesibindi kulo, njengokuba ngifanele ukukhuluma.
21Kodwa ukuze lani lazi okuqondene lami, lokuthi ngenza njani, uThikhiku, umzalwane othandekayo lesikhonzi esithembekileyo eNkosini, uzanazisa konke;
22engimthume kini ngakho lokho ukuba nazi izindaba zethu, aduduze izinhliziyo zenu.
23Ukuthula makube kubazalwane, nothando kanye nokukholwa okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu.
24Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngobuqotho. Amen. (Kwabase-Efesu ilotshwa eRoma, nguThikhiku.)

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase-Efesu 6: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo