KwabaseFilipi 1

1
KwabaseFilipi 1
1UPawulu noThimothewu, izinceku zikaJesu Kristu, kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni;
2Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
3Ngiyambonga uNkulunkulu wami kukho konke ukunikhumbula;
4njalo kukho konke ekukhulekeleni kwami ngenxa yenu lonke ngininxusela ngentokozo;
5Ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje;
6nginethemba lalokho ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaJesu Kristu;
7njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami.
8Ngoba uNkulunkulu ungumfakazi wami wokuthi ngililangazelela kangakanani lonke ngenhliziyo kaJesu Kristu.
9Nalokhu ngiyakhuleka ukuba uthando lwenu luvame kakhulu ekwazini nasekuqondeni konke;
10ukuze nivume izinto ezinhle kakhulu; ukuze nibe msulwa, ningabi nacala, kuze kufike usuku lukaKristu;
11nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.
12Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi okwenzeka kimi kwaphumela ekuqhubekiseleni phambili ivangeli;
13Ngakho-ke izibopho zami kuKristu zabonakala esigodlweni sonke lakuzo zonke ezinye indawo;
14Abazalwane abaningi eNkosini, beqiniseka ngezibopho zami, banesibindi esikhulu kakhulu sokukhuluma izwi ngokungesabi.
15Abanye kambe batshumayela uKristu ngomona langombango; futhi abanye futhi ngenhliziyo enhle:
16Laba batshumayela uKristu ngombango, kungeyisikho ngobuqotho, bethi bangongeza usizi ezibopho zami;
17Kepha abanye ngothando, besazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli.
18Pho? Nokho uKristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngeqiniso; futhi ngiyathokoza ngakho, yebo, futhi ngiyojabula.
19Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungiphendulela kube yinsindiso ngokukhuleka kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,
20Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa.
21Ngoba kimi ukuphila kunguKristu, futhi ukufa kuyinzuzo.
22Kepha uma ngiphila enyameni, lokhu kuyizithelo zomsebenzi wami;
23Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu:
24Kodwa ukuhlala enyameni kuyadingeka kakhulu ngenxa yenu.
25Kepha-ke lokhu nginethemba, ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, ngihlale nani nonke, ukuze niqhubekele phambili nentokozo yokukholwa kwenu;
26ukuze ukuthokoza kwenu kwengezelelwe kuKristu Jesu ngami ngokubuya kwami kini.
27Kuphela ukuhamba kwenu makube njengokufanele ivangeli likaKristu, ukuze kuthi noma ngiza nginibona, noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu, ukuthi nime niqinile emoyeni munye, nganhliziyonye nilwela ukukholwa kweNkosi ivangeli;
28ningethuswe ngalutho ngabamelene nani, okuwuphawu lokubhubha kubo, kodwa kinina lwensindiso, nolukaNkulunkulu.
29Ngokuba niphiwe nina ngenxa kaKristu, kungesikho ukukholwa kuye kuphela, kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe;
30Nilokulwa okufanayo enakubona kimi, nezwa manje ukuthi ukimi.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseFilipi 1: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo