Kwabase-Efesu 5:1-5

Kwabase-Efesu 5:1-5 ZUL20

Ngakho-ke yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu. Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma umhobholo, makungaphathwa neze phakathi kwenu, njengoba kufanele abangcwele, kanjalo nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele; kodwa kunalokho, makube ngukubonga. Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onomhawu okungukuthi okhonza izithombe, oyoba nefa embusweni kaKhristu noNkulunkulu.