Kwabase-Efesu 5:1-5
Kwabase-Efesu 5:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu. Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele, nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho makube ngukubonga. Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.
Kwabase-Efesu 5:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu. Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma umhobholo, makungaphathwa neze phakathi kwenu, njengoba kufanele abangcwele, kanjalo nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele; kodwa kunalokho, makube ngukubonga. Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onomhawu okungukuthi okhonza izithombe, oyoba nefa embusweni kaKhristu noNkulunkulu.
Kwabase-Efesu 5:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo; nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi. Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nakanye phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele; namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga. Ngokuba niyakwazi lokhu, ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.
Kwabase-Efesu 5:1-5 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)