Kwabase-Efesu 5

5
UPawula Uxwayisa Ngemisebenzi Yobumnyama
1 Ngakho-ke yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, 2 nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu.
3 Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma umhobholo, makungaphathwa neze phakathi kwenu, njengoba kufanele abangcwele, 4 kanjalo nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele; kodwa kunalokho, makube ngukubonga. 5 Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onomhawu okungukuthi okhonza izithombe, oyoba nefa embusweni kaKhristu noNkulunkulu.
Ukuhamba Ekukhanyeni
6 Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalokho ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. 7 Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.
8 Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, 9 ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni; 10 nihlolisise ukuthi kuyini okuthandekayo eNkosini. 11 Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule, 12 ngokuba lokho okwenziwa esithe kuyihlazo ngisho nokukhuluma ngakho, 13 kepha konke okubonakaliswa ngukukhanya kuyabonakala, 14 ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa:
“Phaphama wena oleleyo,
uvuke kwabafileyo,
uKhristu uzakukukhanyisa.”
15 Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, ningabi njengabangahlakaniphile, kodwa njengabahlakaniphileyo, 16 nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. 17Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi. 18 Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya, 19 niphendulane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya, nicule niyihubele iNkosi enhliziyweni yenu, 20 nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke, egameni leNkosi yethu uJesu Khristu, 21 nithobelane ngenxa yokumesaba uKhristu.
Ukuphathana Kwabaganeneyo
22 Abafazi mabathobele amadoda abo kube sengathi bathobela iNkosi, 23 ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKhristu eyinhloko yebandla, Yena engumsindisi womzimba. 24Kepha njengalokhu ibandla lithobela uKhristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo ezintweni zonke.
25 Madoda, thandani omkenu, njengalokhu noKhristu elithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo, 26 ukuba alingcwelise, alihlambulule ngokuligeza ngamanzi, nangezwi, 27 ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele, lingabinacala. 28Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. 29Ngokuba akekho umuntu owake wazonda umzimba wakhe, kunalokho uyawondla, awuphathe kahle, njengalokhu noKhristu enza kulo ibandla, 30 ngokuba singamalungu omzimba wakhe. 31 Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye. 32 Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKhristu nebandla. 33 Ngakho-ke nani makube yilowo nalowo athande umkakhe, njengalokhu ezithanda yena, kodwa inkosikazi mayihloniphe indoda yayo.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase-Efesu 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo