Kwabase-Efesu 6

6
Abantwana Nabazali
1 Bantwana, hloniphani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. 2 Hlonipha uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso: 3 ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni. 4 Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.
Iziluleko Kuzo Izinceku Namakhosi
5 Zinceku, hloniphani abangamakhosi enu ngokwenyama, ngokwesaba, ngokuthuthumela nangobuqotho benhliziyo yenu, kube sengathi kukuKhristu. 6 Ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu; kodwa njengezinceku zikaKhristu, yenzani intando kaNkulunkulu ngenhliziyo. 7Khonzani ngenhliziyo ephelele kungathi nikhonza iNkosi, hhayi abantu, 8 nazi ukuthi yilowo nalowo owenza okuhle uzakwemukela okunjalo eNkosini, noma ngabe uyinceku noma ungokhululekileyo.
9 Nani makhosi, yenzani kanjalo ezincekwini, niyeke ukuzisongela, nazi ukuthi iNkosi yazo neyenu isezulwini, nokuthi kuyo akukho ukukhetha umuntu.
Izikhali ZamaKhristu
10 Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. 11 Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane. 12 Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabomoya bobubi emkhathini. 13 Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
14 Ngakho-ke yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, 15 izinyawo zigqokisiwe ukulungela ukushumayela ivangeli lokuthula; 16 kukho konke, nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo yomubi evuthayo, 17 namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu, 18 ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke nikuMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke, 19 ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli; 20 engiyinxusa lalo eliboshwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.
Isiphetho
21 Kepha ukuze nani nazi ukuthi nginjani futhi ngenzani, uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo eNkosini, uyakunazisa konke. 22 Ngimthumele kini ukuba nazi ukuthi sihleli kanjani, nokuba azigqugquzele izinhliziyo zenu.
23 Ukuthula makube kubazalwane, nothando kanye nokukholwa okuvela kuNkulunkulu uYise naseNkosini uJesu Khristu. 24Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Khristu ngothando olungapheliyo.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase-Efesu 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo