Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Kwabase-Efesu 5:1

UMoya ONgcwele
4 Izinsuku
Ngesikhathi sePhentekoste, uMoya oNgcwele wanikelwa abafundi bakaJesu, lase lazalwa ibanla. Baningi abantu abanemibuzo ngoMoya oNgcwele. Kulolu hlelo lokufunda kosuku lwesine, uzofunda ngoMoya oNgcwele namandla akhe okuguqula izimpilo zamakholwa.

Ukuba NguBaba uNkulunkulu Afuna Ube Nguye
izinsuku ezingu 5
Abantwana bayisibusiso esivela eNkosini, kungakhathaliseki ukuthi izimo ezihambisana nokuzalwa kwabo zinjani (Amahubo 127:3). Uma ungubaba, bonga uNkulunkulu ngakho futhi unqume njengamanje ukuthi uzoba yilokho uNkulunkulu afuna ube yikho ekuphileni kwabantwana bakho, umfanekiso obonakalayo, ophathekayo waKhe, kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izinqumo osuzenzile kuze kube manje. Ukuba ngubaba oqotho ngempela akuyona indida njengoba ungase ucabange! Okufanele ukwenze nje ukuthanda izingane zakho njengoba uBaba wakho waseZulwini ekuthanda.

Umdlandla: Impilo Yobizo
izinsuku ezingu 5
Upawulu, isiboshwa seNkosi esikhululiwe, wancenga ibandla lase-Efesu ukuba ‘lihambe ngendlela efanele ukubizwa. Singabamele uBaba emhlabeni futhi ubizo lwethu wukumela Yena kahle. Njengoba ulwela ukuphila impilo enempilo noma ukuphila okuchichimayo, uqiniseka ngokwengeziwe ngobizo Lwakhe nokukhetha kwakho.

Izinsuku ezingu-21 kwabase-Efesu
Izinsuku ezingu-21
Eyabase-Efesu inothile ngamaqiniso ngoNkulunkulu nomsebenzi wakhe wokusindisa kithi. Lolu hlelo lwenzelwe ukukusiza ukuthi umbe ujule kulo mbhalo, ube ufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu kanye nawe. Isigqi sezinyathelo eziyisithupha zansuku zonke sizokusiza ukuba uzenzele umkhuba wokufunda nokuhlanganyela neZwi likaNkulunkulu. lolu hlelo lulethwe kuwe yi-Christian Standard Bible (CSB). Funda kabanzi ku-CSBible.com.