AMahubo 47:1-9

AMahubo 47:1-9 ZUL20

Zizwe zonke, shayani izandla, hlokomani ngezwi lokuhalalisa kuNkulunkulu. Ngokuba uSimakade Ophezukonke uyesabeka, uyiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke. Izizwe wazithobisa zaba phansi kwethu, nabantu phansi kwezinyawo zethu. Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela UNkulunkulu wenyuke ngenhlokomo, uSimakade ngokukhala kwecilongo. Hubelani uNkulunkulu, mdumiseni! Hubelani iNkosi yethu, hubani! UNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke, hubani ihubo! UNkulunkulu ubusa izizwe, uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele. Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abhrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu, uphakeme kakhulu.