Amahubo 47:1-9

Amahubo 47:1-9 CZB24

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo lamadodana kaKora. Shayani izandla nina zizwe zonke. Khala kuNkulunkulu ngezwi lokujabula. Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyiNkosi enkulu emhlabeni wonke. Uyakwehlisela izizwe phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu. Iyakusikhethela ifa lethu, inkazimulo kaJakobe ayithandayo. Sela. UNkulunkulu wenyuka ngokukhamuluka, uJehova ngokukhala kwecilongo. Hlabelelani inkazimulo kaNkulunkulu, hlabelelani indumiso; hlabelelani inkazimulo yeNkosi yethu, hlabelelani indumiso. Ngokuba uNkulunkulu uyiNkosi yomhlaba wonke; ihubo ngokuqonda. UNkulunkulu ubusa phezu kwabezizwe, uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele. Ababusi babantu baqoqiwe, yebo, abantu bakaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.