AmaHubo 47:1-9
AmaHubo 47:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa. Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke. Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu. Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela* UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo. Hubelani uNkulunkulu, hubani! Hubelani iNkosi yethu, hubani! Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke; hubani ihubo! UNkulunkulu uyabusa izizwe; uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi. Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.
AmaHubo 47:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo lamadodana kaKora. Shayani izandla nina zizwe zonke. Khala kuNkulunkulu ngezwi lokujabula. Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyiNkosi enkulu emhlabeni wonke. Uyakwehlisela izizwe phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu. Iyakusikhethela ifa lethu, inkazimulo kaJakobe ayithandayo. Sela. UNkulunkulu wenyuka ngokukhamuluka, uJehova ngokukhala kwecilongo. Hlabelelani inkazimulo kaNkulunkulu, hlabelelani indumiso; hlabelelani inkazimulo yeNkosi yethu, hlabelelani indumiso. Ngokuba uNkulunkulu uyiNkosi yomhlaba wonke; ihubo ngokuqonda. UNkulunkulu ubusa phezu kwabezizwe, uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele. Ababusi babantu baqoqiwe, yebo, abantu bakaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.
AmaHubo 47:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Zizwe zonke, shayani izandla, hlokomani ngezwi lokuhalalisa kuNkulunkulu. Ngokuba uSimakade Ophezukonke uyesabeka, uyiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke. Izizwe wazithobisa zaba phansi kwethu, nabantu phansi kwezinyawo zethu. Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela UNkulunkulu wenyuke ngenhlokomo, uSimakade ngokukhala kwecilongo. Hubelani uNkulunkulu, mdumiseni! Hubelani iNkosi yethu, hubani! UNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke, hubani ihubo! UNkulunkulu ubusa izizwe, uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele. Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abhrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu, uphakeme kakhulu.