AMahubo 141:1-10

AMahubo 141:1-10 ZUL20

Simakade, ngikhala kuwe, phuthuma uze kimi, lalela izwi lami lapho ngikhuleka kuwe. Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa. Simakade, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami. Ungayiphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yenkohlakalo kanye nabantu abenza inkohlakalo, ngingadli izibiliboco zabo. Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba umkhuleko wami umelane nobubi babo. Abehluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi. Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo. Amehlo ami akuwe Simakade, Nkosi yami, mina ngiphephela kuwe, uze ungangishiyi ngingenamvikeli. Ngihlenge ogibeni abangicuphe ngalo, nasezihibeni zabenza okubi. Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo