AmaHubo 141:1-10

AmaHubo 141:1-10 ZUL59

Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume; lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe. Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa. Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami. Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yobubi kanye nabantu abenza okubi, ngingadli izibilebile zabo. Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona. Abahluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi. Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo. Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami; ngiyakwethemba wena; ungathululi umphefumulo wami. Ngihlenge ogibeni abangibekele lona, nasezihibeni zabenza okubi. Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo