Amahubo 141:1-10

Amahubo 141:1-10 CZB24

Ihubo likaDavide. Jehova, ngikhala kuwe; sheshani emva kwami; lalela izwi lami lapho ngikhala kuwe. Umkhuleko wami mawube yimpepho phambi kwakho; nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomhlatshelo. Jehova, beka umlindi phambi komlomo wami; vala umnyango emlonyeni wami. Ungayithambekisi inhliziyo yami kunoma yikuphi okubi, ukwenza izenzo ezimbi nabantu abenza okubi; futhi ungangivumeli ngidle izibiliboco zabo. Olungileyo makangishaye; kuyakuba umusa, angithethise; kuyakuba ngamafutha amahle kakhulu; Lapho abahluleli babo bechithwa ezindaweni zamatshe, bayakulalela amazwi ami; ngoba zimnandi. Amathambo ethu ahlakazekile emlonyeni wengcwaba, njengalapho egawula ecanda izinkuni emhlabeni. Kepha amehlo ami akuwe Jehova; ithemba lami likuWe; ungawushiyi umphefumulo wami ekusweleni. Ngigcine ezingibeni abangibekele zona, nasemithini yabenzi bobubi. Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngibaleke.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo