AmaHubo 141:1-10
AmaHubo 141:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, ngikhala kuwe, phuthuma uze kimi, lalela izwi lami lapho ngikhuleka kuwe. Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa. Simakade, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami. Ungayiphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yenkohlakalo kanye nabantu abenza inkohlakalo, ngingadli izibiliboco zabo. Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba umkhuleko wami umelane nobubi babo. Abehluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi. Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo. Amehlo ami akuwe Simakade, Nkosi yami, mina ngiphephela kuwe, uze ungangishiyi ngingenamvikeli. Ngihlenge ogibeni abangicuphe ngalo, nasezihibeni zabenza okubi. Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.
AmaHubo 141:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume; lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe. Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa. Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami. Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yobubi kanye nabantu abenza okubi, ngingadli izibilebile zabo. Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona. Abahluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi. Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo. Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami; ngiyakwethemba wena; ungathululi umphefumulo wami. Ngihlenge ogibeni abangibekele lona, nasezihibeni zabenza okubi. Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.
AmaHubo 141:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. Jehova, ngikhala kuwe; sheshani emva kwami; lalela izwi lami lapho ngikhala kuwe. Umkhuleko wami mawube yimpepho phambi kwakho; nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomhlatshelo. Jehova, beka umlindi phambi komlomo wami; vala umnyango emlonyeni wami. Ungayithambekisi inhliziyo yami kunoma yikuphi okubi, ukwenza izenzo ezimbi nabantu abenza okubi; futhi ungangivumeli ngidle izibiliboco zabo. Olungileyo makangishaye; kuyakuba umusa, angithethise; kuyakuba ngamafutha amahle kakhulu; Lapho abahluleli babo bechithwa ezindaweni zamatshe, bayakulalela amazwi ami; ngoba zimnandi. Amathambo ethu ahlakazekile emlonyeni wengcwaba, njengalapho egawula ecanda izinkuni emhlabeni. Kepha amehlo ami akuwe Jehova; ithemba lami likuWe; ungawushiyi umphefumulo wami ekusweleni. Ngigcine ezingibeni abangibekele zona, nasemithini yabenzi bobubi. Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngibaleke.