AMahubo 141

141
Umkhuleko Wocela Ukusizwa Ezilingweni Nasezitheni
Ihubo likaDavide
1Simakade, ngikhala kuwe,
phuthuma uze kimi,
lalela izwi lami
lapho ngikhuleka kuwe.
2Umkhuleko wami mawufane nempepho
phambi kwakho,
nokuphakanyiswa kwezandla zami,
njengomnikelo wakusihlwa.
3Simakade, bekela umlomo wami umlindi,
ugcine umnyango wezindebe zami.
4Ungayiphenduleli inhliziyo yami entweni embi
ukuba ngenze imisebenzi yenkohlakalo
kanye nabantu abenza inkohlakalo,
ngingadli izibiliboco zabo.
5Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi;
angisole, kungamafutha ekhanda;
ikhanda lami malingawenqabi,
ngokuba umkhuleko wami
umelane nobubi babo.
6Abehluleli babo bayakuphonswa eweni;
bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.
7Njengalokhu umuntu elima,
eklaya umhlabathi,
amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni
wendawo yabafileyo.
8Amehlo ami akuwe Simakade, Nkosi yami,
mina ngiphephela kuwe,
uze ungangishiyi ngingenamvikeli.
9Ngihlenge ogibeni abangicuphe ngalo,
nasezihibeni zabenza okubi.
10Ababi mabawele emanetheni abo,
mina ngidlule kuwo.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 141: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume