Ndodana yami, makungasuki emehlweni akho, gcina ukuhlakanipha namasu, kuyokuba ngukuphila emphefumulweni wakho, nomgexo entanyeni yakho. Khona uyohamba endleleni yakho uphephile, unyawo lwakho lungaqhuzuki. Uma ulala, awuyukwesaba lutho; nalapho usulele, uyoba nobuthongo obumnandi. Awuyukwesaba inhlekelele ezumayo, nokubhujiswa okulethwa yizikhohlakali, ngokuba uSimakade uyakuba seduze nawe, agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.
Funda IZaga 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZaga 3:21-26
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo