IZaga 3:21-26

IZaga 3:21-26 ZUL20

Ndodana yami, makungasuki emehlweni akho, gcina ukuhlakanipha namasu, kuyokuba ngukuphila emphefumulweni wakho, nomgexo entanyeni yakho. Khona uyohamba endleleni yakho uphephile, unyawo lwakho lungaqhuzuki. Uma ulala, awuyukwesaba lutho; nalapho usulele, uyoba nobuthongo obumnandi. Awuyukwesaba inhlekelele ezumayo, nokubhujiswa okulethwa yizikhohlakali, ngokuba uSimakade uyakuba seduze nawe, agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.

Funda IZaga 3