IZaga 3

3
Ukumethemba USimakade
1 Ndodana yami,
ungawukhohlwa umthetho wami,
kepha inhliziyo yakho
mayilonde imiyalelo yami,
2 khona iyakwenezela kuwe izinsuku,
neminyaka yokuphila nokuthula.
3 Ububele neqiniso makungakushiyi;
kubophele entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
4 ukuze uthole umusa nodumo oluhle
emehlweni kaNkulunkulu nabantu.
5 Thembela kuSimakade
ngayo yonke inhliziyo yakho,
unganciki kokwakho ukuqonda.
6 Mazise Yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.
7 Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho;
mesabe uSimakade, uqhele ebubini.
8 Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho,
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.
9 Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,
10 ukuze izinqolobane zakho
ziphuphume ngobuningi bomkhiqizo,
nezikhamo zakho zichichime iwayini elisha.
11 Ndodana yami,
ungakwedeleli ukuyala kukaSimakade,
ungakwenyanyi ukusola kwakhe.
12 Ngokuba uSimakade uyamyala amthandayo,
njengoyise eyala indodana ayithandayo.
13 Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha,
nomuntu ozuza ukuqonda,
14 ngokuba inzuzo yakho
yinhle kunenzuzo yesiliva;
nenzuzo yakho kunegolide.
15 Ukuhlakanipha kuyigugu kunamarubhi,
nakho konke okunxanelekayo akunakuqhathaniswa nakho.
16 Impilo ende isesandleni sakho sokunene,
kwesokhohlo sakho kukhona ingcebo nodumo.
17 Izindlela zakho ziyizindlela zobumnandi;
yonke imikhondo yakho ingukuthula.
18 Kungumuthi wokuphila kulabo abakubambayo,
babusisiwe labo ababambelela baqine kukho.
19 USimakade wasekela umhlaba ngokuhlakanipha;
wamisa amazulu ngokuqonda.
20 Ngokwazi kwakhe izinzulu zaqhekezwa,
amafu aconsa amazolo.
21 Ndodana yami,
makungasuki emehlweni akho,
gcina ukuhlakanipha namasu,
22 kuyokuba ngukuphila emphefumulweni wakho,
nomgexo entanyeni yakho.
23 Khona uyohamba endleleni yakho uphephile,
unyawo lwakho lungaqhuzuki.
24 Uma ulala, awuyukwesaba lutho;
nalapho usulele, uyoba nobuthongo obumnandi.
25 Awuyukwesaba inhlekelele ezumayo,
nokubhujiswa okulethwa yizikhohlakali,
26 ngokuba uSimakade uyakuba seduze nawe,
agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.
27 Ungabagodleli okuhle labo abakufanele,
uma lokho kusemandleni akho
ukuba ukwenze.
28 Ungathi kumakhelwane wakho:
“Hamba, ubuye kusasa, ngiyokunika khona,”
ube unakho lokho akufunayo.
29 Ungacebi okubi ngomakhelwane wakho,
lapho ehlezi nawe elondekile.
30 Ungaphikisani namuntu ngeze
uma engakonanga ngalutho.
31 Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlova,
ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,
32 ngokuba oyisigwegwe uyisinengiso kuSimakade,
kepha abaqotho bayisifuba sakhe.
33 Isiqalekiso sikaSimakade sisendlini yezikhohlakali,
kodwa uyalibusisa ikhaya labalungileyo.
34 Izedeleli uyazedelela,
kepha abathobekileyo ubapha umusa.
35Abahlakaniphileyo bayozuza udumo,
kepha iziwula ziyothelwa ngehlazo.

Okuqokiwe okwamanje:

IZaga 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo