Izaga zikaSolomoni 3:21-26

Izaga zikaSolomoni 3:21-26 CZB24

Ndodana yami, ungazivumeli zisuke ebusweni bakho; gcina ukuhlakanipha okuhle neseluleko. Kuyakuba-ngukuphila emphefumulweni wakho, nomusa entanyeni yakho. Khona-ke uyakuhamba endleleni yakho ngokulondeka, unyawo lwakho lungakhubeki. Lapho ulala, ungesabi; yebo, uyolala, futhi ubuthongo bakho buyoba mnandi. Ungakwesabi ukwesaba okuzumayo, nokubhujiswa kwababi lapho kufika. Ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho, agcine unyawo lwakho ekubanjweni.