IzAga 3:21-26

IzAga 3:21-26 ZUL59

Ndodana yami, lokho makungasuki emehlweni akho, ugcine ukuhlakanipha namasu, kube ngukuphila emphefumulweni wakho nomusa entanyeni yakho. Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka, ungaqhuzuli unyawo lwakho. Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi. Ungethuswa luvalo oluzumayo nokuchithwa kwababi, lapho kufika, ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho, agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.

Funda IzAga 3