NgokukaMakhu 3:23-30

NgokukaMakhu 3:23-30 ZUL20

Wayesezibiza, wakhuluma kuzo ngemizekeliso, wathi: “Kungenzeka yini ukuba uSathane akhiphe uSathane na? Uma umbuso wehlukene wodwa, awusoze wema. Kanjalo uma nendlu yehlukene yodwa, leyo ndlu ayisoze yema. NoSathane, uma ezivukela yena uqobo, ahlukane, akanakuma, kodwa uyakushabalala. Kanjalo, akekho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engaqalanga ngokubopha isiqhwaga bese ephanga indlu yaso. Ngiqinisile ngithi kini: abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza, noma ngabe kungakanani abangahlambalaza ngakho, kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.” UJesu wakusho lokho ngokuba babemthuke bathi unomoya ongcolileyo.