Marku 3:23-30

Marku 3:23-30 CZB24

Wasebabizela kuye, wathi kubo ngemifanekiso: USathane angakhupha njani uSathane? Futhi uba umbuso uhlukene phakathi, lowombuso ungeme. Futhi uba indlu ihlukene phakathi, leyondlu ayinakuma; Futhi uma uSathane ezivukela yena, ehlukene, angema, kodwa uyaphela. Akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga; khona-ke uyakuphanga indlu yakhe. Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bazathethelelwa zonke izono lenhlamba loba yini abahlambaza ngayo; Kepha ohlambalaza uMoya oNgcwele akanakuthethelelwa naphakade, kodwa ulecala lokulahlwa okuphakade; ngoba bathi: Unomoya ongcolileyo.

Funda Marku 3