NgokukaMarku 3:23-30

NgokukaMarku 3:23-30 ZUL59

Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na? Uma umbuso wahlukene wodwa, lowo mbuso ungeme. Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma. NoSathane, uma ezivukela yena, ahlukane, akanakuma, kepha uyaphela. Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso. Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza noma kungakanani abangahlambalaza ngakho, kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.” Ngokuba bathi unomoya ongcolileyo.