NgokukaMakhu 3

3
UJesu Uphilisa Ngesabatha
(Mat. 12:1; Luk. 6:6)
1UJesu wabuye wangena esinagogeni. Kwakukhona lapho umuntu owayenesandla esishwabeneyo. 2Babembheke ngeso lokhozi ukuthi ngabe uzomphilisa yini lowo muntu ngesabatha, ukuze bamthwese icala. 3UJesu wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi nendawo.”
4Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? Ukusindisa noma ukubulala na?”
Kepha bathula du.
5UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.”
Waselula, saphiliswa isandla sakhe. 6 AbaFarisi baphuma ngokushesha bayohlanganisa amakhanda ngaye nabakaHerodi ukuthi bangambhubhisa kanjani.
Izixuku Zilandela UJesu
7UJesu nabafundi bakhe basuka baya ngasolwandle. Izixuku zamlandela, zivela eGalile naseJudiya, 8 eJerusalema nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, naseThire naseSidoni. Isixuku esikhulu seza kuye lapho sesizwile ngakho konke ayekwenza. 9 UJesu wayesebatshela abafundi bakhe ukuba bamlungisele isikebhe ngenxa yesixuku, ukuze singamminyanisi. 10Ngokuba waphulukisa abaningi, kangangokuthi bonke ababegula babedudulana, bewela phezu kwakhe, ukuze bamthinte. 11 Nomoya abangcolileyo lapho bembona, babewa phansi phambi kwakhe, bamemeze, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”
12UJesu wabayalisisa omoya ababi ukuba bangalokothi bakudalule ukuthi ungubani.
Ukukhethwa Kwabaphostoli
(Mat. 10:1; Luk. 6:12)
13UJesu wayesenyukela entabeni, wabiza labo ayebafuna; beza kuye. 14Waqoka abali-12, ababiza futhi ngabaphostoli ukuze babenaye, nokuba aphinde abathume ukuba bayoshumayela, 15nokuba babe negunya lokukhipha amadimoni. 16 Wabamisa abali-12, wabaqamba lawa magama: uSimoni wamqamba wathi nguPhethro, 17 uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; wabaqamba ngokuthi ngoBhowanergesi okusho ukuthi bangozulu liyaduma; 18u-Andreya, uFiliphu, uBhartholomewu, uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifiyose, uThadewu, uSimoni uMkhanani, 19noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
Isono Sokuhlambalaza UMoya ONgcwele
(Mat. 12:22; Luk. 11:14)
20Kwathi lapho uJesu efika ekhaya, kwaphinde kwabuthana futhi isixuku, kangangokuthi uJesu nabafundi bakhe abakwazanga ukudla isinkwa. 21Abakubo, sebekuzwile lokho, baphuma ukuyomthatha, ngokuba bathi usangene.
22 Nezazimthetho ezazehlile zivela eJerusalema, zathi: “UnoBhelzebhule, ukhipha amadimoni ngombusi wamadimoni.”
23Wayesezibiza, wakhuluma kuzo ngemizekeliso, wathi: “Kungenzeka yini ukuba uSathane akhiphe uSathane na? 24Uma umbuso wehlukene wodwa, awusoze wema. 25Kanjalo uma nendlu yehlukene yodwa, leyo ndlu ayisoze yema. 26NoSathane, uma ezivukela yena uqobo, ahlukane, akanakuma, kodwa uyakushabalala. 27Kanjalo, akekho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engaqalanga ngokubopha isiqhwaga bese ephanga indlu yaso. 28 Ngiqinisile ngithi kini: abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza, noma ngabe kungakanani abangahlambalaza ngakho, 29kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.”
30UJesu wakusho lokho ngokuba babemthuke bathi unomoya ongcolileyo.
Izihlobo Eziyizo ZikaJesu
(Mat. 12:46; Luk. 8:19)
31Kwase kufika unina kaJesu nabafowabo, bema ngaphandle, base bethumela kuye ukuba ayobizwa. 32Isixuku esasimngungile sathi kuye: “Unyoko, abafowenu, nawodadewenu bemi ngaphandle; bayakufuna.”
33Wabaphendula wathi: “Ngubani umame nabafowethu na?”
34Waqalaza ebuka ababehlezi bemngungile, wathi: “Niyabona-ke, nangu umame nabafowethu. 35Ngokuba noma ngubani owenza intando kaNkulunkulu, nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMakhu 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo