NgokukaMakhu 2

2
UJesu Uphilisa Umuntu Ofe Uhlangothi
(Mat. 9:1; Luk. 5:17)
1UJesu waphinde wangena eKhaphernawume emva kwezinsuku eziningi; kwezwakala ukuthi usekhaya. 2Kwase kubuthana isixuku; akwabe kusaba khona ndawo ngasemnyango. UJesu wayekhuluma izwi kubo. 3Kweza kuye abantu abane, bethwele ngohlaka umuntu ofe uhlangothi. 4Bengakwazi ukumsondeza kuye ngenxa yesixuku, baqaqa uphahla lwendlu lapho uJesu ayekhona. Kuthe sebevule isikhala behlisa uhlaka ayelele kulo ofe uhlangothi. 5UJesu ebona ukukholwa kwabo, wathi kofe uhlangothi: “Ndodana, uthethelelwe izono zakho.”
6Kwakukhona lapho izazimthetho ezithile, zadlinza ezinhliyweni zazo, zathi: 7 “Kungani lo ekhuluma kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu na?”
8UJesu wakwazi ngaleso sikhathi emoyeni wakhe ezazidlinza ngakho, wayesethi kuzo: “Nidlinzelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na? 9Yikuphi okulula ukuba kuthiwe kofe uhlangothi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma kuthiwe: ‘Vuka uthathe uhlaka lwakho, uhambe’ na? 10Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla okuthethelela izono emhlabeni,” wathi kofe uhlangothi: 11“Ngithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”
12Wayesevuka, wathatha uhlaka lwakhe masinyane, waphuma phambi kwabo bonke. Bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Asikaze sikubone okunje.”
UJesu Ubiza ULevi
13UJesu wayesephuma futhi, waya ngasolwandle; sonke isixuku seza kuye, wayesesifundisa. 14Kwathi edlula, wabona uLevi ka-Alifewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.”
Wathi lacu, wamlandela.
15Kuthe uJesu ehlezi edla endlini kaLevi, kwangena abathelisi abaningi nezoni, bahlala etafuleni noJesu nabafundi bakhe, ngokuba babebaningi bemlandela. 16Izazimthetho ezingabaFarisi, zibona ukuthi uJesu udla nezoni nabathelisi, zathi kubafundi bakhe: “Kungani ukuba adle nabathelisi nezoni na?”
17 UJesu esekuzwile lokho, wathi kuzo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa idingwa ngabagulayo kuphela. Mina angizelanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.”
Umbuzo Ngokuzila Ukudla
18Abafundi bakaJohane nababaFarisi babezila ukudla. Abathile baya kuJesu, bathi kuye: “Kwenziwa yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?”
19UJesu wathi kubo: “Kambe ikhetho lingazila yini umyeni esahlezi nalo na? Phinde neze, alisoze lazila uma umyeni esenalo. 20Kepha izinsuku ziyeza, lapho umyeni ezakususwa kulo; yilapho-ke lizakuzila ngalolo lusuku. 21Akekho othungela isichibi esingashukekile engutsheni endala, funa lokhu okusha okuchitshelwe ngakho kuklebhule lokhu okudala, bese kwanda ukuklebhuka. 22Akekho futhi othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa liqhumise izimvaba, bese kuchitheka iwayini, nezimvaba ziqhekezeke. Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”
Umbuzo Ngesabatha
(Mat. 12:1; Luk. 6:1)
23 Kwathi ngesabatha edabula emasimini okusanhlamvu, abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu bedlula. 24AbaFarisi bathi kuye: “Kungani abafundi bakho benze okungavumelekile ngesabatha na?”
25 Wathi kubo: “Kanti anifundanga yini ngokwenziwa nguDavide mhla eswele, futhi elambile, yena nayehamba nabo na? 26 Akangenanga yini endlini kaNkulunkulu ngesikhathi sika-Abhiyathara, umphristi omkhulu, wadla izinkwa zobukhona bukaNkulunkulu ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngaphandle kwabaphristi kuphela, wayesenika nababenaye na?”
27UJesu wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha. 28Ngokunjalo-ke, iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho neyesabatha imbala.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMakhu 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo