NgokukaMakhu 4

4
Umzekeliso Ngomhlwanyeli
(Mat. 13:1; Luk. 8:4; 13:18)
1 UJesu wabuye waqala ukufundisa ngasolwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu kangangoba waze wangena esikebheni, wahlala olwandle. Sonke isixuku sasimi emhlabathini ngasolwandle. 2Wabafundisa okuningi ngemizekeliso, ethi kubo ngenkathi ebafundisa: 3“Lalelani! Kwakukhona umuntu owaphuma ukuyohlwanyela. 4Kwathi ehlwanyela imbewu, enye yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla, zayiqeda. 5Enye imbewu yawela edwaleni, lapho kungenamhlabathi khona omningi. Yamila ngokushesha, ngokuba umhlabathi wawungajulile. 6Ekuphumeni kwelanga yantshwama, ngokuba izimpande zayo zazingajulile; yabuna. 7Enye imbewu yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela sithelo. 8Enye imbewu yawela emhlabathini ovundileyo; yaqhuma, yakhula, yathela isithelo. Enye yathela ngama-30, enye ngama-60, enye ngekhulu.”
9Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”
Isizathu Sokukhuluma Ngemizekeliso
10Kwathi eseyedwa, ababenaye nabali-12 bambuza ngale mizekeliso. 11Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso, 12 ukuze bathi bebona nokubona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa nokuzwa, kepha bangaqondi, funa bapheduke, bathethelelwe.”
13Wayesethi kubo: “Uma ningawuqondi lo mzekeliso, pho niyakuyazi kanjani yonke eminye imizekeliso na? 14Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. 15Abangasendleleni yilabo okuthi selihlwanyeliwe kubo izwi, balizwa, kodwa uSathane afike ngokushesha, alisuse izwi ebeselihlwanyelwe kubo. 16Imbewu ewele edwaleni, imele labo abathi bangalizwa izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza, 17kodwa lingagxili kubo, ngokuba kabanampande; bahlala isikhashana nje, kuthi lapho kuvela ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bahlubuke ngokushesha. 18Abahlwanyelwe emeveni yilabo abathi sebelizwile izwi, 19 kodwa liminyaniswe yiminako yalesi sikhathi: ukukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto. Lokhu kuyangena kuliminyanise izwi, bese liba ngelingatheliyo. 20Abahlwanyelwe emhlabathini ovundileyo yilabo abalizwa izwi, qede balamukele, bathele isithelo ngama-30, ngama-60 nangekhulu.”
Ukubekwa Kwesibani Phansi Kwesitsha
21 UJesu wayesethi kubo: “Ngabe isibani siyabekwa yini phansi kwesitsha noma phansi kombhede; kanti asibekwa othini na? 22 Ngokuba akukho okusithekileyo okungayukubekwa obala, akukho okuyisifuba okungayukudalulwa. 23Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”
24 Wayesethi kubo: “Kuqapheleni enikuzwayo, ngokuba ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso; kuze kwenezelwe. 25 Ngokuba onakho uyakuphiwa, kodwa ongenakho uyakwemukwa ngisho nalokho anakho.”
26Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu unje: ufana nomhlwanyeli ophonsa imbewu emhlabathini, 27alale, avuke ubusuku nemini; imile imbewu, ikhule, kodwa engazi ukuthi lokho kwenzeka kanjani. 28Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo; kuqala ikhaba, ukhahlele, kuvele izikhwebu, bese kuba nezinhlamvu ezipheleleyo kuso. 29 Uma isithelo sesivuthwe ngokupheleleyo, usingenela ngesikela ngokushesha, ngokuba sekufike isikhathi sokuvuna.”
Umzekelisi Ngenhlamvu Yesinaphu
30Wabuye wathi: “Ngabe umbuso kaNkulunkulu siyakuwufanisa nani na? Mzekeliso muni esingawuchaza ngawo na? 31Singawufanisa nenhlamvu yesinaphu, ethi incane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni, 32kodwa kuthi lapho isihlwanyelwe, ikhule ibe nkulu kunakho konke okumilayo, ibe namagatsha amakhulu; izinyoni zezulu zakhe izidleke emthunzini wayo.”
33UJesu walisho izwi kubo ngemizekeliso eminingi enjalo, ngangokwamandla abo okuzwa. 34Akazange akhulume lutho kubo ngaphandle kwemizekeliso. Kepha sebebodwa ngasese, wayesebachasisela konke abafundi bakhe.
UJesu Uthulisa Isivunguvungu
(Mat. 8:23; Luk. 8:22)
35Kuthe sekuhlwile ngalolo lusuku, wathi kubo: “Asiwelele ngaphesheya.”
36Base besishiya isixuku, bahamba naye njengoba ayesesikebheni, kwakunezinye izikebhe ezabe zihambisana kanye naye. 37Kusenjalo kwavuka isivunguvungu esikhulu, amagagasi ayesizamazamisa kakhulu isikebhe futhi sesiqala ukugcwala amanzi. 38UJesu wayesemuva esikebheni elele esicamelweni, bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, wabhudla ubuthongo, sibhubha na?”
39Wayesevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.”
Umoya wawusuthula, kwaba nokuthula okukhulu.
40Wayesethi kubo: “Yini nibe ngamagwala na? Anikabi nakukholwa namanje na?”
41Base beba nokwesaba okukhulu, bakhuluma bodwa, bathi omunye komunye: “Kanti ungubani lo, lokhu ngisho umoya nolwandle kuyamlalela na?”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMakhu 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo