NgokukaMakhu 5

5
Ukukhishwa Kwamadimoni
(Mat. 8:28; Luk. 8:26)
1Bafinyelela ngaphesheya kolwandle, ezweni lamaGerasa. 2Kwathi lapho esephumile esikebheni, wahlangana masinyane nomuntu ovela emathuneni, onomoya ongcolileyo. 3Lowo muntu wayesehlala emathuneni, kungasekho muntu owayengambopha ngeketango, 4ngokuba wayeseboshwe kaningi ngozankosi nangamaketango, kodwa ewagqabula amaketango, futhi ephule nozankosi. Kwakungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa. 5Wayesehlala njalo ubusuku nemini esemathuneni nasezintabeni, ememeza, futhi ezilimaza ngamatshe.
6Wathi ukuba ambone uJesu esebuqamama, wagijima, wakhuleka kuye; 7wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Ufunani kimi Wena Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke na? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”
8UJesu wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo!”
9Wayesembuza ethi: “Ungubani igama lakho na?”
Waphendula wathi kuye: “NginguLegiyona igama lami, ngokuba sibaningi.”
10Wayesemncenga kakhulu ukuba angabaxoshi kulelo lizwe.
11Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube owawuklabile. 12Yamncenga imimoya engcolileyo, yathi: “Sithumele ezingulubeni ukuze singene kuzo.”
13Wayivumela. Yaphuma-ke imimoya engcolileyo, yangena ezingulubeni. Umhlambi wakhalakathela eweni, waphonseka olwandle; lowo mhlambi wawuyizi-2 000 zezingulube, ezaminza olwandle.
14Ababezelusile babaleka, bayobika emzini nasemaphandleni. Abantu beza ukuzozibonela ngawabo okwakwenzekile. 15Bafika kuJesu, bambona obenamadimoni ehlezi embethe, futhi esesangulukile engqondweni, lowo owayenoLegiyona; base besaba. 16Labo ababezibonele ngawabo, babalandisa ukuthi kwenzekeni kulowo muntu owayenamadimoni, nokwenzeka ezingulubeni. 17Base beqala ukumnxenxa ukuba aphume aphele ezweni lakubo.
18Kuthe lapho uJesu engena esikebheni, lowo owayenamadimoni, wamncenga ukuba ahambe naye. 19Kepha uJesu wamnqabela, kunalokho wathi kuye: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.”
20Wahamba-ke, waqala ukulanda ngalokho emizini elishumi konke lokho uJesu ayemenzele khona; bamangala bonke.
Indodakazi KaJayiru Ivuswa Ekufeni
(Mat. 9:18; Luk. 8:40)
21Kuthe uJesu esewelele ngaphesheya futhi ngesikebhe, kwabuthana izindimbane zabantu kuye, engasolwandle. 22Kwafika omunye wabaphathi besinagoge, ogama lakhe nguJayiru. UJayiru wathi angambona uJesu, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe, 23wamncenga kakhulu, ethi: “Indodakazi yami isiyalayela, ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isinde, iphile.”
24UJesu wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samminyanisa.
25Kwakukhona owesifazane owayenomopho iminyaka eli-12. 26Wayehluphekile kakhulu, ehla enyuka ezinyangeni eziningi, futhi esechithe konke ayenakho, kodwa kunhlanga zimuka nomoya; kubhebhetheka okwakumphethe. 27Esezwile ngoJesu, waya esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo kaJesu, 28ngokuba wathi: “Uma nje ngingathinta izingubo zakhe, ngizakusindiswa.”
29Masinyane, umthombo wegazi lakhe wanqamuka, wezwa emzimbeni wakhe ukuthi usesindile esifeni ebesimhlupha.
30 Kwathi uJesu angezwa kuye ukuthi amandla aphumile, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”
31Abafundi bakhe bathi kuye: “Ingani uyabona ukuthi isixuku sikuminyanisile. ‘Pho ubuzelani ukuthi ngubani okuthintileyo na?’ ”
32Waqalaza ukuba abone ukuthi ngubani owayenze lokho. 33Kepha owesifazane ekwazi okwakwenzekile kuye, wesaba, wathuthumela, weza waziphonsa phansi phambi kukaJesu, wamtshela lonke iqiniso. 34 UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile, hamba ngokuthula; uphulukisiwe enhluphekweni yakho.”
35Kuthe uJesu esakhuluma, kwafika abanye bevela endlini kaJayiru, umphathi wesinagoge, bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?”
36Kwathi ukuba uJesu akuzwe lokho abakushoyo, wathi kumphathi wesinagoge: “Ungesabi, kholwa nje kuphela.”
37Akavumelanga muntu ukuba amlandele ngaphandle kukaPhethro, uJakobe, noJohane, umfowabo kaJakobe. 38Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge. UJesu wabona isiyaluyalu; abakhalayo, nababelila kakhulu. 39Esengenile wathi kubo: “Niyaluzelani, futhi nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.”
40Bamhleka usulu.
Kepha esebakhiphile bonke ababesendlini, wathatha uyise nonina womntwana nababenaye, wangena nabo lapho umntwana ayekhona. 41Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha khumi,” okungukuthi uma kuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!”
42Masinyane intombazane yavuka, yahamba, ngokuba yayineminyaka eli-12. Khona lapho bamangala ngokumangala okukhulu. 43UJesu wabadonsa ngendlebe ukuba lokhu kungaziwa muntu, futhi wabatshela ukuba bayiphe ukudla intombazane.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMakhu 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo