NgokukaMakhu 6

6
UJesu Udelelwa Ezweni Lakubo
(Mat. 13:53; Luk. 4:16)
1UJesu wasuka lapho, waya ezweni lakubo; abafundi bakhe bamlandela. 2Selifikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni. Abaningi ababelalele bamangala, bathi: “Ngabe lo ukuthatha kuphi lokhu na? Kuhlakanipha kuni lokhu akunikiwe na? Zimangaliso zini futhi lezi azenza ngezandla zakhe? 3 Lo akusiye yini umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, uJose, uJuda noSimoni na? Nodadewabo abekho yini lapha phakathi kwethu na?”
Base bekhubeka ngaye.
4 UJesu wayesethi kubo: “Umphrofethi akadelelwa ezizweni, ngaphandle kwelakubo, nasezihlotsheni zakhe, nakwabendlu yakwabo.”
5Akakwazanga ukwenza lapho nesisodwa isimangaliso, ngaphandle nje kokubeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana; wabaphulukisa. 6 Wamangala ngokungakholwa kwabo.
Wahamba imizi ngemizana efundisa.
UJesu Uthuma Abaphostoli Abalishumi Nambili
(Mat. 10:1; Luk. 9:1)
7 UJesu wayesebiza abali-12, waqala ukubathuma ngababili, wabanika igunya lokukhipha omoya abangcolileyo. 8 Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, baphathe kuphela udondolo; bangaphathi sinkwa, sikhwama sokuthekela, namali emigodleni yabo. 9Bafake izicathulo, kepha bangembathi amabhantshi amabili. 10Wayesethi kubo: “Nakuyiphi indlu eniyakungenisa kuyo, hlalani kuyo nize nihambe lapho. 11 Noma kuyiphi indawo lapho bengayukunamukela khona, nalapho bengayukunilalela khona, anothi uma senisuka kuyo, nithintithe uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, lokho kube ngubufakazi kubo.”
12Bahamba-ke beshumayela ukuba abantu baphenduke. 13 Bakhipha amadimoni amaningi, bagcoba abaningi abagulayo ngamafutha, babaphulukisa.
Ukubulawa KukaJohane UMbhabhadisi
(Mat. 14:1; Luk. 9:7)
14 INkosi uHerode yezwa ngalokhu, ngokuba igama likaJesu lase lidumile. Kwakuthiwa uJohane uMbhabhadisi uvukile kwabafileyo, yingakho enza izimangaliso ezingaka kuye. 15Kepha abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngumphrofethi onjengabanye abaphrofethi.”
16Kepha uHerode esekuzwile lokho, wathi: “UJohane, lo engamnquma ikhanda, uvusiwe.”
17 UHerode uqobo nguye owayethumele ukuba abanjwe uJohane, wayesemfaka ejele, ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wamthatha wamgana. 18 Phela uJohane wayethe kuHerode: “Awuvunyelwe ukungena umkamfowenu.”
19Ngakho-ke uHerodiya wambambela igqubu, wafuna ukumbulala, kodwa akabanga nawo amandla. 20UHerode wayemesaba uJohane, emazi ukuthi uyindoda elungileyo, engcwele, futhi wayemvikela. Lapho uHerode emlalela uJohane wayesala ekhathazekile kakhulu, nokho wayethanda ukumlalela.
21Ekugcineni lwafika olungaliyo, lapho uHerode ngosuku lwakhe lokuzalwa wenzela izikhulu zakhe idili; izinduna zempi nabanumzane baseGalile; 22kwase kungena indodakazi kaHerodiya; yasina, yajabulisa uHerode nababehleli naye. Inkosi yathi entombazaneni: “Cela kimi noma yini oyithandayo, ngizakukunika yona.”
23Yafunga kuyo yathi: “Noma yini oyicelayo kimi ngizakukunika yona, noma ngabe yingxenye yombuso wami.”
24Intombazane yaphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?”
Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhabhadisi.”
25Yabuyela enkosini ngokushesha, yacela yathi: “Ngithanda ukuba ungiphe, khona manje ngomcengezi, ikhanda likaJohane uMbhabhadisi.”
26Inkosi yadabuka kakhulu, kodwa ngenxa yesifungo eyayisenzile nangenxa yalabo ababehlezi nayo esidlweni, ayithandanga ukwenqaba. 27Inkosi yayisithuma masinyane ozokwenza lokhu, yamyala ukuba alethe ikhanda likaJohane. Wasuka, wamnquma ikhanda ejele. 28Waliletha ikhanda lakhe ngomcengezi, wayinika intombazane, yona yalinika unina. 29Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza, bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.
UJesu Usuthisa Amadoda Ayizinkulungwane Eziyisihlanu
(Mat. 14:13; Luk. 9:12; Joh. 6:1)
30Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela konke ababekwenzileyo nabakufundisileyo. 31 Wayesethi kubo: “Wozani ngasese, nina nodwa, siye endaweni eyihlane, nihlabe ikhefu.”
Ngokuba babebaningi abezayo nabahambayo, abaze balithola nethuba lokuba badle.
32Base behamba ngomkhumbi, baya ngasese, endaweni eyihlane. 33Abaningi bababona behamba, baqonda ukuthi baya kuphi, base begijima ngezinyawo, besuka kuyo yonke imizana, bafika lapho kuqala kunabo. 34 Esehlile uJesu, ephuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu, wasihawukela, ngokuba sasinjengezimvu ezingenamelusi; wayeseqala esifundisa okuningi.
35 Kwathi isikhathi sesihambile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, futhi seliyozilahla kunina. 36Bahambise ukuba baye ezindaweni eziseduze nasemizaneni ukuze bazithengele ukudla.”
37Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.”
Bathi kuye: “Sihambe yini siyothenga izinkwa zodenariyu abangama-200, sibaphe badle na?”
38Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki? Hambani niyobheka.”
Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.”
39Wabayala ukuba bonke bahlale phansi otshanini obuluhlaza, izigaba ngezigaba. 40Base behlala phansi amaqoqo ngamaqoqo, amanye ngekhulu, amanye ngama-50. 41Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona. 42Bonke badla, basutha. 43Babutha imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi, kwagcwala iziqabetho ezili-12. 44Abadla izinkwa lapho kwakungamadoda ayizi-5 000.
UJesu Uhamba Phezu Kolwandle
(Mat. 14:22; Joh. 6:16)
45UJesu wayesephoqa ngokushesha abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni, bamandulele ukuya phesheya eBhethsayida, aze yena ahlakaze isixuku. 46Esevalelisile esixukwini, wahamba waya entabeni ukuyokhuleka. 47Kwathi sekuhlwile, isikebhe siphakathi nolwandle, Yena esele yedwa emhlabathini, 48wababona ukuthi banobunzima obukhulu lapho begwedla, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kwathi ngomlindo wesine wobusuku, weza kubo ehamba phezu kolwandle; kwaba sengathi uyadlula kubo. 49Kepha bambona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi ngumungcwi; bakhala. 50Phela bonke bambona, bethuka.
Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.”
51Wayesekhwela esikebheni ababekuso, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo. 52Ngokuba abakuqondanga okwenzeke ezinkweni, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni.
UJesu Uphilisa Abagulayo EGenesaretha
53Kuthe sebewelile, bafika eGenesaretha, babophela isikebhe lapho osebeni. 54Kwathi bephuma nje esikebheni, abantu bambona uJesu. 55Bagijimela kuzo zonke izifunda, baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka, babayisa lapho bezwe kuthiwa ukhona. 56Kwathi noma kuphi lapho engena khona, emizaneni, emizini, nasemakhaya, babeke abagulayo ezigcawini, bamncenge ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthintayo baphiliswa.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMakhu 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo